UMGIJIMI wase-Ethiopia, uTadu Nare, ophinde wanqoba umlenze waseThekwini weSpar Women's 10km Challenge, ngeSonto, ufakele inselelo abasubathi bakuleli ukuthi basebenzise ingqalasizinda yezinga eliphezulu abanayo ukuze bazokwenza kahle kwezokugijima.
Le ntokazi ishaye intambo ngesikhathi esiwu-31:26. Nasemlenzeni wesibili eGqeberha, bekukhonye yona ngesiwu-31:35.
Kweyesibili, kuphume umkhaya wayo, uSelam Gebre ngo-31:37.
UGlenrose Xaba ogijimela iBoxer AC, ukwazile ukwenza njengokufisa kwakhe ephuma indawo yesithathu eqopha u-31:55.
Emilenzeni emibili edlule yalolu chungechunge, uXaba waphuma endaweni efanayo.
Okuqaphelekile ukuthi ulinyuse kakhulu izinga. NgeSonto wenze isikhathi esihle kunazozonke ake wazigijima ku-10km.
Kowokuqala eCape Town wenza u-34:05, kowesibili wenza esiwu-32:12.
UTudu ubukeka eselwenze olwakhe lolu chungechunge njengoba elunqobe ngo-2021 nango-2022. Abahleli balo mjaho baze bafaka amabhonasi kubasubathi bakuleli, bezama ukubakhuthaza.
Abakuleli abafika kuqala esiphethweni bathola u-R10 000 noR5 000. Abazosonga lolu chungechunge bekwabathathu bokuqala bazophinde bahlumule ngo-R30 000, R25 000 no-R21 000.
Akupheleli lapho, abazoqeda bekwabahlanu bazocazelana uR185 000.
Ozobashaya bonke emakhanda kungakhathalekile ukuthi owakuliphi izwe uzogoduka noR200 000.
Ebuzwa uTadu ukuthi uzizwa kanjani njengoba elokhu ebabhincisela nxanye abasubathi bakuleli phezu kokuba sebekhuthazwa ngamabhonasi, uthe: "Ayikho imfihlo enginayo, wukusebenza kanzima kuphela. Namanje kangineme ngezikhathi engizenzayo, ngifanelwe okungcono kakhulu kunalokhu.
“Abasubathi baseNingizimu Afrika banenhlanhla yemigwaqo emihle nezinkundla zezinga eliphezulu. Thina sinoSelam asinabo bonke lobu bukhazikhazi ezweni lethu. Abakuleli abasebenzise labubukhazikhazi bese besebenza kanzima. Ngaleyo ndlela izinga labo lizonyuka. Njengoba ngishilo imfihlo yethu ukuzikhandla."
Eziphendulela uGlenrose uthe abasubathi base-Ethiopia basizwa ukuhlala endaweni ephezulu enomoya oshisayo (high altitude). Ngaleyo ndlela uma befika kuleli endaweni onomoya oswakeme kuba lula.
"Ngicela abantu bakithi basibekezelele. Sizogcina sifikile ezingeni lamazwe afana nayo e-Ethiopia. Njengoba esho uTadu kuzomele siqhubeke nokusebenza kanzima," kubeka uGlenrose.
Ngokwenza u-31:55, lo msubathi ocijwa uCaster Semenya ngokuhlanganyela nonkosikazi wakhe uViolet, ungene ohlwini lwabane bakuleli abagijime isikhathi esingaphansi kwemizuzu engu-32. Irekhodi liphethwe u-Elana Meyer ngesiwu-31:13. Walenza ngo-2001. Kukhona noCollen De Reuck (31:26) noDominoque Scott (31:59). Mayelana nomjaho wayizolo, uGlenrose ukhale ngokushesha komjaho. Bekukhona nebanga lika-5km lapho amakhulu abesifazane ebeliyibambe khona.
Umlenze wesine uzoba ngoJulayi 15, eMbombela, eMpumalanga.
Imi kanje imiphumela yabayishumi bokuqala: Tadu (31.26); Selam (31.37); Glenrose (31.55), Blandina Makatisi (32.18); Kesa Molotsane (33.42); Cacisile Sosibo (33.42); Lebo Phalula (34.13); Tayla Kavanagh (34.18); Irvette van Zyl (34.20); Karabo More (35.10).