ISIKHULU seCricket South Africa (CSA) uGraeme Smith, sithi kunezinye izikhulu ngaphakathi kule nhlangano ezingamazambane abolile, okumele zikhonjwe indlela.
USmith ongumqondisi weCSA, ube nezingxoxo nezintatheli ngempelasonto lapho bekulindeleke ukuthi abenezimpendulo kanjalo nezisombululo ngodaba olusematheni kule zinsuku, lokucwaswa kwabadlali abamnyama kwikhilikithi yakuleli.
Umkhankaso obizwa ngeBlack Lives Matter (BLM), uthele izithelo ezinhle njengoba inqwaba yabadlali iphumele obala ngokuhlukunyezwa kwayo eminyakeni edlule kwiCSA.
Lokhu kuphoqe ukuthi iCSA ibize umhlangano ophuthumayo nabadlali abahlukumezekile amasontweni amabili edlule, ngenhloso yokuzolalela nokuthola izisombululo.
Ngemuva komhlangano nabadlali iCSA iqhamuke nombono wokuthi kube nehhovisi lomxazululi ozimele, elizobhekana ngqo nokucwaswa kwabadlali liphinde libaluleke ngokomqondo. Umxazululi kulindeleke ukuthi akhethwe ngasekupheleni kwenyanga ephezulu.
Ekhuluma nezintatheli uSmith, uthe kunabathile okumele bakhonjwe indlela kwiCSA.
“Kunezisebenzi zale nhlangano ezindala, osekumele zikhonjwe indlela,” kusho uSmith ephendula ngokucwaswa kwabadlali ngokwebala.
“Ngeke nhlobo ize ikhule ikhilikithi nxa kusekhona laba bantu. Kunezinto zangaphakathi okungamele ziputshukele emphakathini kodwa sizizwa sezigcwele ngaphandle. Ngiyaye ngizibuze ukuthi inhloso yabo ngampela, ngabe yini. Uyabona ukuthi bafuna ukudunga baqale izimpi nokungasisizi ngalutho thina. Ngiyafuna umdlalo wekhilikithi ukhule, empeleni ngokomsebenzi wami kumele ngiwukhulise kodwa kunzima kakhulu. Ukuklwebhana okungaphakathi kungaphezu kwamandla,” kulandisa uSmith.
Okunye okugqamile ngesikhathi abadlali bephumela obala ngokucwaswa kwabo ukuthi abanye bese bethule iminyaka eminingi nezilonda ezibhibhayo ngaphakathi.
“Kuyathusa ukuthi kunabadlali abebengazi bazokhuluma kanjani, nokuthi bazoziyisa kubani izikhalo zabo. Lokhu akwamukelekile kwinhlangano enkulu njengeCSA. Kumele kube nezinguquko futhi kumele ziqale ngokushesha,” usho kanje uSmith othathe kulesi sikhundla sokuba ngumqondisi kwiCSA ngoDisemba nyakenye.
Udaba lokucwaswa kwabadlali ngebala yinto yansuku zaphuma kuleli, akuyona neze into entsha.
Ngesikhathi uFikile Mbalula esenguNgqongqoshe wezeMidlalo kuzwelonke wayiphakamisa indaba yokuthi kubhekelelwe zonke izinhlanga kwezemidlalo kuleli.
Kuyihlazo ukuthi ngemuva kweminyaka engu-25 yentando yabantu, iNingizimu Afrika isakhuluma indaba yokucwasana ngokwebala kwezemidlalo.