KUNGEHLA kamnandi ngokwedlulele kumqeqeshi wamaStormers, uJohn Dobson, ukwedlula oweBulls, uJake White, ukunqoba isicoco se-United Rugby Championship.
EzikaDobson zizobhekana nezikaWhite kowamanqamu oseDHL Newlands, eKapa ngoMgqibelo ngo-7.30 kusihlwa.
Okuzokwenza kube mtoti ukunqoba kuDobson kunakuWhite, wukuthi lo mqeqeshi ulwe impi embaxambili kule sizini kwazise i-union yaseWestern Cape yengamelwe ngumahluleli ozimele.
Lokho kubashiye nezimo ezimbili ezahlukene, wukucotshwa wukungaqondi ukuthi kuzokwenzekani ngekusasa labo noma wukudlala ngokukhululeka ngenxa yokuvinjwa kwesandla sepolitiki singangeneli enyunyaneni.
Ukufinyelela kowanqamu kufakazela ukuthi uDobson ukwazile ukusebenza ngokukhululeka ngaphandle kokuvinjwa yisandla sepolitiki.
Iqembu likaDobson livule isizini ngenduku emidlalweni emibili lijikelwa esiswini njengotshwala yiBenetton neMunster.
Lijike izinto ekuhambeni emuva kwalokho ladlala ngokulingana ne-Edinburgh ngaphambi kokuhlula amaDragons e-United Kingdom.
Indlela yamaStormers ayiqalanga kahle kodwa lapho zijike khona izinto awabange esabambeke.
Afika kowamanqamu ephethe umgqigqo werekhodi lemidlalo engu-10 ilandelana, ayinqobe yonke.
Agcine ukuhlulwa ngomkhaya, amaLions ngoDisemba.
Ngakolunye uhlangothi, uWhite izinto zimhambela kahle kusukela efike eqenjini laseTshwane eminyakeni emibili edlule.
Ngo-2020 ufike wazibula ngeSuper Rugby Unlocked ngaphambi kokuhlulwa kowamanqamu ePro14 Rainbow Cup ngo-2021 njengoba ngo-2022 esekowamanqamu e-URC.
NeBlue Bulls, yona ecijwa nguGert Smal, ngaphansi kwakhe inqobe iCarling Currie Cup ngonyaka odlule.
EzikaSmal nazo zibhekane neWindhoek Griquas kowamanqamu eCurrie Cup ka-2022 okufakazela ukuhamba kahle kwezinto enyunyaneni yaseTshwane.
Okubi nje ngamaStormers, wukuthi azodlala ngaphandle kwesiphekepheke sazezimpondweni, uLeolin Zas, ohamba phambili ngokubasela ama-try.
UZas ulimale emdlalweni we-semi final ngeledlule. Kubukeka sengathi indawo yakhe izovalwa nguSergeal Petersen, ozoyibamba noSeabelo Senatla ezimpondweni.