KULINDELEKE ukuthi abuyele enkantolo ngenyanga ezayo ezobhekana necala lokucekela phansi impahla nelokuphula umthetho weCivil Aviation Act umdlali wamaBhokobhoko, u-Elton Jantjies.
Umdlali oneminyaka engu-31 uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngoMsombuluko ntambama emva kokuboshwa kwakhe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ngeSonto. Ube esededelwa ngebheyili kaR1000.
Icala limayelana nezinsolo zokuthi uphule elinye lamalambu angaphakathi ebhanoyini endleleni esuka eDubai ebheke eGoli. Ubehamba yedwa ngemuva kokuvakashela eTurkey nomndeni wakhe ngempelasonto.
Enkantolo ubekhashwe ngunina, u-Alma Jantjies, ummeli wakhe nonogada.
Icala lihlehliselwe uJuni 3 kodwa kunamathuba okuthi lixazululwe ngasese ngabamele uMbuso nabamele umdlali.
UJantjies ugijime okokuqala kumaBhokobhoko ngo-2012 futhi ubeyingxenye yesikwati esinqobe iNdebe yoMhlaba ngo-2019.