UMSHAYISIBHAKELA waKwaZulu-Natal, uNtethelelo “The Smiling Assassin” Magcaba, osephenduke esinye sezithenjwa zamabhokisa akhula kahle kulesi sifundazwe, uzimisele ngokuxolisa kumqeqeshi wakhe, u-Alex "Nkalakatha" Mchunu, ahlukane naye kusele izinsuku ezimbalwa alwe noCelimpilo Ngema.
UMagcaba noNgema bazoxhimfana empini yokungcweka kwiBantamweight ezoba yimizuliswano eyisithupha kusasa, eCity Hall, eMgungundlovu.
Le mpi iyingxenye yomqhudelwano ohlelwe yiHle-Jobe Promotions ngokuhlanganyela neMvelo Promotions kanti ixhaswe yinkampani yonogada, i-Mi7 Security Group.
Kungenwa mahhala kanti iqala ngo-2 ntambama.
Nakuba uMagcaba esalwe izimpi ezimbili kuphela kodwa kubalandeli balo mdlalo useqalile ukuba yisilomo.
Empini yokuqala, ebingenye ebezindlalela ekaMoruto Mthalane yokugaxa amagilavu emgibeni, ushaye uSiphesihle Dubazane ngomcacamezelo womlalisa phansi. Kweyesibili, uphinde wahlula ngendlela efanayo uLucky Mavimbela.
Kuzo zombili ekhoneni lakhe bekunomalume wakhe, uMchunu. Lo mqeqeshi unguyise kaThabiso "The Rock" Mchunu.
Nguuye olime indima ekutheni uThe Rock agcine eselwela amabhande amakhulu afana neWBC.
Isolezwe lithinta uMagcaba ukuzwa ngamalungiselelo empi yakhe, uveze ukuthi uhlukane noMchunu emasontweni edlule. Nakuba engathandanga ukwanda kodwa uthe babange okuthile.
Uveze ukuthi njengamanje ujinyiswa nguMmeli Mkhize naye osondelene kakhulu nomalume wakhe.
"Ukuxolisa kwami kumalume (uMchunu) kuzomele ngikuqale ngokushaya ngendlela egculisayo uCelimpilo. Ngiyazisola kakhulu. Bekumele ngenze akushoyo. Nginethemba lokuthi uzongixolela. Ngaphansi kwakhe nami ngizibona ngelinye ilanga ngisezingeni likamzala (uThe Rock). Ngibonga kakhulu nakumqeqeshi, uMmeli," kubeka uMagcaba.
Leli phephandaba lithole ngomthombo ukuthi laba babanga ukuthi uMagcaba uke wanyamalala (enza amalungiselelo empi yakusasa), wangafika ejimini izinsuku ezimbili.
UMchunu ukuvumile ukuthi bahlukene nomshana wakhe.
"Ngimfisela inhlanhla umshana wami. Uyibhokisa elinekhono. Kodwa ukuze ezophumelela kuzomele ahlale enza atshelwa khona ngabantu abasaziyo isibhakela kanye nempilo jikelele,“ kusho uMchunu.
UHlengiwe Dladla, weHle-Jobe Promotions, uthe ahamba kahle amalungiselelo alezi zimpi. Ucele abalandeli besibhakela ukuba baphume ngobuningi babo ukuzobeseka.