LISIVIKELE isicoco salo iqembu lakuleli eliyinhlanganisela, iCarling Champions Team, ngokuguqisa i-Italy A ngo-31-27 emdlalweni weCarling Champions obuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoMgqibelo ebusuku.
Izivakashi bezihamba phambili ngo-17-10 ngesikhathi sekhefu kodwa iqembu lasekhaya libuye ngamandla esiwombeni sesibili lagcina liwunqobile lo mdlalo oshise uqala waze waphela.
Ama-try eChampions Team ashaywe uDaniel Kasende, Siya Masuku, Keagan Johannes, Nama Xaba noDan Jooste, awelase-Italy eza ngoGesi Simone, Cannone Lorenzo noDi Bartolomeo Tommaso.
Kulo nyaka, leli qembu beliqeqeshwa nguJimmy Stonehouse, osanda kunqoba isicoco seCurrie Cup nePumas, uSimphiwe Matanzima weBulls wasigcina isikhundla sakhe sokuba ngukaputeni ngenxa yokuthola amavoti amaningi.
"Asiwuqalanga kahle umdlalo kodwa akusithusanga kakhulu ngoba iningi labafana beligcine ukudlala emasontweni amabili edlule. Lokho kuyawenza umehluko,” kusho uMatanzima.
“Ngesikhathi i-Italy ishaya i-try ngasekuqaleni komdlalo sihlanganile sakhuluma ngokuthi kumele sehlise amaphasi anobungozi, senze izinto ezilula kangcono.
“Besazi ukuthi uma singanciphisa amaphutha sizobuyela emdlalweni. Bekuwumdlalo onzima kwaze kwaba sekugcineni, iqembu lase-Italy alizange liyeke ukuhlasela futhi bekumele sisebenze kanzima ukuze sinqobe.
“Ngiyaziqhenya ngeqembu futhi nginesiqiniseko sokuthi sonke sifunde okuningi. Bekuhlukile nokudlalela iqembu elisezingeni lesifundazwe.
“Kube yinhlanhla ukuqokwa njengokaputeni okwesibili futhi ngiyajabula ukuthi angikakahlulwa nowodwa umdlalo.”
UMatanzima ukholelwa ekutheni ukuvulelwa abalandeli ukuthi bavotele abadlali abadlalela amaqembu ehlukene kwiCurrie Cup ukuthi bahlangane babe yiqembu elilodwa, kuyabajabulisa abalandeli.
“Abalandeli bawubuka kakhulu umbhoxo futhi bayawuthanda, kuyabonakala ngamavoti angenile, futhi banemibono ngabadlali. Kuyajabulisa uma benikwa ithuba lokuzihlanganisela iqembu,” usho kanje.
“Ibhola lombhoxo wumdlalo omdala onamasiko aqinile kodwa kuyajabulisa ukuqhamuka kwezinto ezintsha.
"Abadlali bakuthokozele ukudlala futhi nginesiqiniseko sokuthi abalandeli nabo bebejabule. Ngikholwa ukuthi lolu hlobo lwemidlalo luzoheha abantu abaningi ngokuzayo."
Emdlalweni wokuqala weCarling Champions owadlalelwa eLoftus Versfeld nyakenye, i-Champions Team, yahlula iKenya ngo-85-17.