KUVUKE iminjunju yokubulawa ngesihluku ngokuzuma kowayengukaputeni weBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, kubanjwa inkunzi ibhokisa laKwaZulu-Natal elingumpetha we-IBF neWBA Pan African.
Lowo ngu-Innocent “Tycoon” Mantengu waseKhula Village, eDukuduku, eMtubatuba.
UMantengu uthi ubanjwe inkunzi eyongena ePark Station, eGoli ngoLwesine ebusuku.
Ubeyogibela ibhasi ebibheke eThekwini emhlanganweni wezamankomane, nokuyikho okwenze waphatha izingubo zakhe zokujima nezokudlala kanjalo namabhande womabili nawo abalwa ezimpahleni ezithathwe yimigulukudu.
“Kuvele kwasuka iqulu labantu abangaphezu kuka-10 bangithelekela ngiqeda ukwehla etekisini yemitha ngiyongena ePark Station lapho bengizobamba khona ibhasi eya eThekwini ebusuku. Bangikhombe ngezibhamu nemimese bangihluthula izikhwama,” kusho uMantengu.
Kubo lobo mnyama kodwa kubuye kwavuka kuMantengu ukuba ngumpetha wesibhakela esededela odalimede kubo lobo mnyama bezibhamu.
“Basuke ezikhwameni zami base bengithintathinta befuna isikhwama semali nenye ifoni encane ebikimi. Lawa amanye amafoni bese bewathathile.
“Yilapho-ke engibone khona ukuthi akusizi ukuzithambisa, ngibe sengivele ngigadla kulabo abebeseduze. Ngivele ngazinika isibindi sokuthi vele ngeke badubule phambi kwabantu equlwini.
“Abathathu babo nje bayazithoba lapho bekhona ngoba okunye ngikuthele ngesibhakela kwawa, kwathi kuyavuka kwaphinde kwaya phansi. Lapho bekungaselula ukumbhadama,” kusho uMantengu.
UMantengu ulwa esigabeni sejunior featherweight. Ibhande leWBA uthi ubehlele ukuya nalo ekhaya eyobakhombisa kwazise ubengakaze aye nalo kubo kusuka elinqobile eSandton, eGoli ngoMeyi elwa noLuthando Mbongolwana.
Ele-IBF ubeselivikele kaningi ngemuva kokulinqoba ngo-2017 elwa noSiphosethu Mvula nokwaba yimpi yonyaka kwi-IBF.
Uthe akafuni ukuyikhuluma eyokuthi kunezitha azinukayo. Okwehlele uMantengu kuvuse uhlevane lokushona kowayengukaputeni weBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, owadutshulwa khona eGoli ngo-2014.
Yize ayeyiqhawe lesizwe ngaleso sikhathi uMeyiwa kodwa kuze kube namuhla azikajeziswa izelelesi.
UMantengu uthe ubonga ukuthi akalimalanga ngaphandle kokuphuma nomhuzuko wommese ebusweni eduze kweso.
Unxuse izelelesi ukuthi zimbuyisele amabhande nezimpahla eziqoshwe igama lakhe ngoba “vele ngeke zigqokwe muntu ngoba oyobanjwa nazo uyoboshwa uma ebe nenhlanhla”.