LIDLIWE yizembe iqembu laKwaZulu-Natal ebeligijima esigabeni esiphezulu seTelkom Netball League, iKingdom Stars, ngemuva kokuhlulwa yi-Eastern Cape Aloes ngo 42-39 emdlalweni wokuhlunga obuseHeartfelt Arena eTshwane ngeSonto ntambama.
IStars izibeke engozini ngesikhathi iqeda emsileni esigabeni esiphezulu. I-Aloes ingene kulo mdlalo ngokuba ngompetha esigabeni sesibili ngemuva kokuguqisa iMpumalanga Sunbirds ngo 48 -43 kowamanqamu.
Bese kungokwesithathu iminyaka ilandelana leli qembu lidla isicoco sesigaba sesibili. Bese lihluleke kabili ukukhuphukela esigabeni esiphezulu kodwa kwagcina kulilungele.
Lokhu kusho ukuthi womabili amaqembu aseKZN, iKingdom Stars neKingdom Queens, azobe edlala esigabeni sesibili ngesizini ezayo.
Umqeqeshi weStars, uMarguerite Rootman, ukhale ngezinqumo ezithile zonompempe angaziqondanga kahle kodwa uvumile ukuthi iqembu lakhe bekumele lidlale kangcono.
“Kusobala ukuthi siphoxekile, uma singathi asiphoxekanga ngabe akusifanele ukudlala kulo mqhudelwano. Kunzima ukuphawula ngomdlalo ofana nalona ngoba kunezinto ezimbalwa ezenzekile ebengingaziqondi,” kusho uRootman.
“Angiyena umuntu ojwayele ukusola onompempe futhi angibasoli nakancane, ukuthi kunezinqumo ezingididile futhi angiboni ukuthi ngiyayazi leyo mithetho.
“Mhlawumbe ngeke bakuthande lokhu ekhaya kodwa kungenzeka ukuthi lokhu okwenzekile kuzosiphoqa ukuthi sibuyele emuva ezinhlelweni zethu kanye nendlela esiqoka ngayo abadlali, sibheke ukuthi sikwenza kanjani lokho.
"Siyayihalalisela i-Aloes, bengazi ukuthi umdlalo uzoba nzima. Iqembu lami liwenzile amaphutha, ngeke ngikwazi ukubeka lonke icala kwezinye izindawo. Bekufanele bavikele ibhola kangcono futhi basebenzise amandla athe xaxa.
"Sizamile futhi abadlali bami abaphelanga umoya. Bebengakhombisi ukudikibala enkundleni. Balwe ngokubambisana kodwa bekungewona umdlalo wethu."
Khonamanjalo, iGauteng Golden Fireballs ibe ngompetha beTelkom Netball League okokuqala ngqa ngokushaya iGauteng Jaguars ngo 35-32 kowamanqamu.
IJaguars ibisinqobe lesi sicoco iminyaka emihlanu ilandelana ngaphambi kokuthi iFireballs iyivimbe.
"Lo mdlalo bese ngiwudlale kaningi ekhanda lami. Ngiyajabula ukuthi abadlali bagxile ezinhlelweni zethu sakwazi ukunqoba. Siyazi ukuthi iJaguars iqembu elithanda umdlalo osheshayo ngakho-ke bekumqoka ukuthi umdlalo siwuhambise kancane," kusho umqeqeshi weFireballs u-Elsie Jordaan.
"Besingabhekile ukufaka amagoli amaningi, inhloso yethu bekuwukunqoba umdlalo. IJaguars ikhombisile ukuthi kungani ibingompetha yonke leminyaka yasinika umdlalo onzima. Ngiyabahalalisela bonke abadlali bami."