UGXILE kubadlali abanamava umqeqeshi weqembu lakuleli lesizwe le-netball, uNorma Plummer, ngesikhathi eqoka iqembu lokugcina labadlali abangu-12 elizodlala kwiNdebe yoMhlaba ezoqala ngoJulayi 28 eKapa.
NgoMeyi lo mqeqeshi ukhiphe uhlu lwabadlali abangu-15 aseluhlungile, wakhetha abangu-12 okuzohlonywa ngabo kulo mqhudelwano nabathathu abazobizwa uma kwenzeka kuba khona abalimalayo.
Bayisishiyagolombili abadlali ababeyingxenye yeqembu lamaProteas elalala isine eNdebeni yoMhlaba eyayiseLiverpool, e-England, ngo-2019.
Labo ngukaputeni, uBongiwe Msomi, Lenize Potgieter, Ine-Marí Venter, Izette Griesel, Khanyisa Chawane, Shadine van der Merwe, Karla Pretorius noPhumza Maweni.
Yize leli qembu lagcina ngoJanuwari ukudlala imidlalo esemthethweni, uPlummer ubelithola ithuba lokucija abadlali abazinze kuleli emakhempini eliwabambele eStellenbosch nase-Australia.
“SiyiNetball South Africa sikholwa wukuthi umqeqeshi uNorma nethimba lakhe labaqeqeshi sibaseke ngayo yonke indlela ngesikhathi belungiselela le Ndebe yoMhlaba,” kusho umengameli weNetball South Africa, uCecilia Molokwane.
“Kuzobe kungokokuqala eminyakeni engu-63 ukuthi lo mqhudelwano ubanjelwe e-Afrika ngakho-ke kufanele silindele ukubuya nezindondo.”
“Ngeke sikwazi ukusingatha umqhudelwano bese siphenduka izibukeli. Kumele siqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika iba ngelinye lamazwe azoklonyeliswa ngezindondo ngo-Agasti 6.
“SiyiNetball South Africa sijabulile ngabadlali abaqokiwe futhi siyazi ukuthi bazokwenza kahle. Iqembu siliseka ngokugcwele futhi siyethemba ukuthi lizosimela kahle. Leli yithuba lokuthi baqophe amagama abo emlandweni.”
Iqembu lizophinde lihlangane ngoJulayi 14 eKapa ukuyophothula amalungiselelo eNdebe yoMhlaba lapho liqhathwe khona neWales, Jamaica neSri Lanka eqoqweni uPool C.
Iqembu lamaProteas elizodlala eNdebeni yoMhlaba:
Bongiwe Msomi (ukaputeni), Karla Pretorius (iphini likakaputeni), Khanyisa Chawane, Izette Griesel, Phumza Maweni, Lenize Potgieter, Nicola Smith, Jeante Strydom, Nichole Taljaard, Elmere van der Berg, Shadine van der Merwe, Ine-Mari Venter.
Ama-reserve: Owethu Ngubane, Refiloe Nketsa, Lefebre Rademan.