USEQOKE ukushiya iKwaZulu-Natal ayofuna amadlelo aluhlaza umshayisibhakela wesifazane, uNomusa Ngema, okhala ngokuntula izimpi.
UNgema waKwaMashu, ngomunye wabashayisibhakela abaphakamise iKZN esesigabeni sama-amesha, wamela neNingizimu Afrika. Ungene esigabeni esikhokhelayo nyakenye, kubhekwe ukuthi asheshe awinele iKZN isicoco saseMzansi ngenxa yekhono lakhe lesibhakela.
Nokho kugcine konke kushabalele kwazise ubengazitholi izimpi. Bekuvela ukuthi ayikho imbangi efuna ukungena naye eringini. UNgema ugcine ukungena eringini ngo-Okthoba nyakenye, ehlula ngomcacamezelo womngqimuzo womlalisa phansi ngomzuliswano wokuqala uLufuno Mutshayi waseLimpopo.
Usefudukele eGauteng, lapho esejoyine khona isitebele sikaMichael Sediane, i-African Child Events and Promotions. Kulesi sitebele ujima noSiphelele Myeza akhule naye KwaMashu, bejinyiswa nguBasil Kotelo noThemba Latha (ongasekho) KwaMashu Sports Centre, besalwa esigabeni sama-amesha.
"Ngihambile eKZN ngoba abangiqhathi ophromotha. Bathi izimbangi ziyangesaba. Kodwa uma bekuyileso isizathu bekufanele bangifunele izimbangi zangaphandle. Kade ngihlezi ngingalwi futhi isikhathi siyahamba. E-KZN kade bengibuyisela emuva.
“Babengijahile ukuthi ngingene esigabeni esikhokhelayo kodwa emuva kwalokho angisalwi. Benginethemba lokuthi amathuba azovuleka, ikakhulukazi njengoba ngiyintombazane kodwa akwenzekanga," kusho uNgema.
"Akumnandi ukushiya iKZN ngoba bengifuna ukulwela ibhande lesifundazwe, nginyuke njalo. Bengifuna ukukhuphula iKZN ngihlezi khona ngibe ngumpetha wokuqala wesifazane wesibhakela KwaMashu. UKotelo uyohlala engumqeqeshi wami kodwa bekufanele ngihambe ngiyozama amadlelo aluhlaza. UMashu uyohlala uyikhaya lami."
UNgema usevele uhlelelwe impi ngo-Agasti 25, noMonica Mkandla waseMozambique. Le mpi ingenye yezihlelwe yi-ESPN okuhloswe ngazo ukubungaza abesifazane abasesibhakeleni.
USediane uthe bekubalulekile ukuthi amtholele impi ngokushesha uNgema.
"Ungomunye wabashayisibhakela abanekhono eNingizimu Afrika, base-Afrika yonkana. Ngesikhathi engicela ukuthi ufuna ukuza kimina, ngimtshele ukuthi akacele umndeni wakhe uyokhuluma noKotelo. Bengifuna konke kwenzeke ngendlela efanele," kusho uSediane.