XOLILE MPISANE
Umshwibi wamaProteas, uKagiso Rabada, ubona lizokhuphuka izinga lokuzethemba kumaProteas emva kokuhlula iWest Indies kalula emdlalweni wokuqala wochungechunge lwama-test.
AmaProteas anqobe lo mdlalo, obuseDarren Sammy Cricket Ground, nge-innings eyodwa nama- run awu-63 ngempelasonto.
I-West Indies ikhishwe isashaye ama-run awu-97 kwi-innings yokuqala, yashaya awu-162 kweyesibili. AmaProteas abhethe kanye ahlanganisa ama-run awu-322.
URabada uthathe iwikhethi eyodwa kwi-innings yokuqala, wabuya esevutha kweyesibili, ethatha amahlanu. Ubeqala ukwenza lokhu kusukela ngo-2018 Mashi.
"Kulo mdlalo uyaye ukale imisebenzi yakho ngokushaya ama-run awu-100 uma ubhetha noma ukuthatha amawikhethi amahlanu noma awu-10 uma uwumshwibi," kusho uRabada.
"Yikona osuke uzimisele ngako njalo uma ungena enkundleni. Ngiyazi besekudlule isikhathi eside ngihluleka ukukwenza kodwa ngiyajabula ukuthi sekwenzekile.
"Iyona ndlela oqhathanisa ngayo ukuthi udlale kanjani nokuthi uzilungiselele ngendlela efanele yini. Ubani ongeke ajabule uma enze into encomekayo? Ngiyaziqhenya kakhulu ngendlela engisebenze ngayo," kusho yena.
AmaProteas abeqala ukuwina umdlalo we-test ekuhambeni kusukela ngo-2017. Adinga ukungahlulwa kwi-test yesibili ukuze alunqobe lolu chungechunge.
"Siseyiqembu elisha futhi sisakha. Uma ubheka abadlali abanamava okuthenjelwe kubona, abakhulile kangako ngokweminyaka," kuchaza uRabada.
"Ngingazibala mina noma uQuinny (De Kock). U-Dean (Elgar) nguyena osemnkantshubovu, mina ngineminyaka ewu-26 kodwa kusho lukhulu ukuthi ngibalwa nomakadebona kuleli qembu.
"Ukunqoba lo mdlalo wokuqala kuzosinika umdlandla esizowusebenzisa kolandelayo neminye esizoyidlala kule minyaka ezayo. Ngeke sizikhukhumeze kodwa sizothatha konke okuhle esikwenzile, siqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla.
"Kweminye imidlalo esihlulwe kuyona besizigwaza ngowethu ngokuthi sibuye silehlise izinga, umdlalo ugcine usiphunyukile. Kulo mdlalo (esiwudlale neWest Indies) besilokhu sihamba ngegiya eliphezulu. Siyazi ngeke kube lula kolandelayo kodwa okubalulekile ukuthi siqhubeke nezinga eliphezulu."
Umdlalo wesibili uzoqala ngoLwesihlanu ntambama ngo-4, nawo uzodlalelwa eDarren Sammy Cricket Ground.