KUBHIMBE ekugcineni kwiCell C Sharks ngesikhathi idliwa yiVodacom Bulls ngo-30-27 emdlalweni wama-quarterfinal we-United Rugby Championship (URC) ngoMgqibelo ntambama.
La maqembu abebambene ngo-27-27 eLoftus Versfeld, ngesikhathi uChris Smith eshaya i-drop goal esikhathini esengeziwe, nokuyiyona efake iqembu laseTshwane kowandulela owamanqamu.
Isiwombe sokuqala siphele zibambene ngo-13-13 ngemuva kokuthi uMadosh Tambwe eshaye i-try yokuqala yeqembu lasekhaya, iSharks yaphendula ngekaBongi Mbonambi.
IBulls iphinde yagadla kuqala esiwombeni sesibili ngama-try kaMarcell Coetzee noCornal Hendricks.
ISharks ilwile njengoba ibiyenzile esiwombeni sokuqala, yathola ama-try amabili abekwe uJaden Hendrikse noSikhumbuzo Notshe.
Nokho, iziwi lokugcina libekwe yiqembu lasekhaya ngesikhathi uSmith eyibeka phakathi i-dropgoal, wabe usuphela umdlalo kwachwaza inkundla.
Kwenye i-quarterfinal, i-DHL Stormers ishaye i-Edinburgh yaseScotland, eKapa, ukuze izibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo.
IBulls isizobhekana neLeinster e-Ireland, kowandulela owamanqamu ngoLwesihlanu ebusuku ngo-8.35, kanti amaStormers azodlalela ekhaya ne-Ulster ngoMgqibelo ntambama ngo-3.
Kuphinde kwayibhedela iSharks nakwiCarling Currie Cup njengoba iguqiswe yiSigma Lions ngo-38-32.
Lo mphumela ushiye iqembu laKwaZulu-Natal endaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-26, lisele ngephuzu elilodwa kwiPumas. Amaqembu amane azoqeda phezulu eqoqweni azodlulela kowandulela owamanqamu.
ISharks isalelwe wumdlalo owodwa ukuthi izame ukuzibekisela indawo kwi-Top 4. Izobhekana neWestern Province eKapa ngoMgqibelo ntambama ngo-5.
“Ngeke ngibasole abadlali ngomzamo wabo. Kuke kwaba nezikhathi emdlalweni lapho bekufanele siwasebenzise kahle amathuba ethu kodwa sabayeka,” kusho umqeqeshi weSharks kwiCurrie Cup, u-Etienne Fynn.
“Ukuthola amaphuzu amabili engeziwe sibhekene neqembu iLions ebilisebenzisa kwi-URC kuyamangaza futhi kuyasikhuthaza.
“Ngicabanga ukuthi manje sekuzoba uwafawafa uma sesibhekene neWestern Province. Wonke amalungiselelo omdlalo weProvince aseqediwe, sekusele ukuthi siqinisekise ukuthi abadlali bayaqondisisa okumele bakwenze.”