AZONGENA ebambelene amagqubu amaqembu emqhudelwaneni wokusonga isizini yeKZN Netball Super League, iGrand Finale, ozobanjelwa eVictoria Mxenge Hall, eMlaza, ngempelasonto.
Lo mqhudelwano womkhumulajezi uzohlanganisa amaqembu amane aqhwakele ezigabeni eziphezulu, uSection A, kwiligi yabesifazane neyabesilisa.
Le ligi ehlanganisa amaqembu aqhamuka kuzo zonke izifunda esifundazweni iKwaZulu-Natal, iqale ngoMashi. Eminyakeni edlule, isikhiqize inqwaba yabadlali asebengene eqenjini lesizwe labesifazane nelabesilisa.
Kwabesifazane isicoco seligi sithathwe yiCheetahs, i-Ocean Predators yadla umhlanganiso kwabesilisa.
KwiGrand Finale iCheetahs izoqhudelana namanye amaqebu aqede kwiTop 4, okuyiGilbert Stars, iZiphozonke noMhlathuze Eagles.
Emqhudelwaneni womkhumulajezi kwabesilisa, iPredators izobanga isicoco neZiphozonke, iHashtag OP neMighty Zips.
Nakuba iStars iphucwe isicoco seligi yiCheetahs, isenalo ithuba lokuqeda isizini ihambela phezulu ngokuphendula amatafula kule mpelasonto.
La maqembu angahlangana kowamanqamu uma womabili enqoba kweyandulela owamanqamu.
Umqeqeshi weStars, uPrecious Mthembu, ukholwa wukuthi ukuhlulwa kabili yiCheetahs kwiligi bekuyinto abebeyidinga ukuze ibavuse emaqandeni njengoba bese bejwayele ukuzenzela kule minyaka emihlanu edlule.
"Ukuba yiqembu elihlale liwina kungaba yingozi ngoba ningagcina senikhululeke kakhulu nabadlali bengasawakhiphi wonke amandla abo,” kusho uMthembu.
“Sithanda ukuhalalisela iCheetahs ngokunqoba iligi. Bekuwunyaka onzima kithina njengoba silinyalelwe yinqwaba yabadlali kodwa asikusebenzisi njengezaba lokho.
"Siyibheke ngabomvu iGrand Finale futhi ngiyethemba ukuthi singasivikela leso sicoco, siqede isizini ngegiya elihle."
Esigabeni sabesilisa, iPredators neZiphozonke bebelokhu beshintshisana ngesicoco eminyakeni edlule. Umdlali weZiphozonke, uPhumlani Mdluli, uthe: “IPredators isisithathile isicoco seligi ngakho-ke kufanele siqinisekise ukuthi iGrand Finale ingeyethu. Ngeke kube lula kodwa sidinga ukuzimisela kowandulela owamanqamu kanye nowamanqamu ukuze siphumelele."
Imidlalo yeKZN Netball Super League Grand Finale:
NgoMgqibelo - Ngo-9am: Cheetahs v Umhlathuze Eagles, Gilbert Stars v Ziphozonke. Ngo-10.30am: Ocean Predators v Mighty Zips, Ziphozonke v Hashtag OP.
Ngo-2pm Bronze Playoff Females.
Ngo-3:30pm Bronze Playoff Males
NgeSonto - Ngo-8.30am: Club Development Final.
Ngo-10am: Grand Finale Final Females, Grand Finale Final Males