Intatheli yeSolezwe
IZOSONGWA ngomcimbi wokuklomelisa abesifazane abavelele emikhakheni eyehlukene yezemidlalo inyanga ka-Agasti ethathwa njengeyokubungaza abesimame kuleli.
Inhlangano i-gsport isiyenze le micimbi kwaze kwaba amahlandla angu-15 kanti kuzobe kungokwesithathu ibambisene neMomentum.
Lo mcimbi uzosakazwa kumabonakude esiteshini iSupersport Variety 4 ngoLwesibili kusukela ngo-8 ebusuku.
Yize ezemidlalo ziphazamisekile kusukela nyakenye ngenxa yobhubhane lwe-Covid 19, umsunguli wale miklomelo uKass Naidoo, uthe bekusemqoka ukuthi baqhubeke nokuhlonipha abesifazane emikhakheni engaphezu kuka-20.
"Kuyintokozo kithi ukuthi sizokwazi ukuqhubeka nalo mcimbi emuva konyaka obunzima kakhulu. Lo mcimbi ubalulekile futhi ubafanele laba besifazane esizobe sibahlonipha.
“Umsebenzi wabo usezingeni eliphezulu futhi bayakwazi ukumelana nezimo eziningi ezingabavimba ukuthi bafike lapho kumele bafinyelele khona.
"Silubonga kakhulu uxhaso esiluthola kwiMomentum olusinika amandla okwenza lo mcimbi,“ kusho Naidoo.
Oyinhloko kwaMomentum, uCharlotte Nsubuga-Mukasa, uthe: "Sizibophezele ukuthi sibe yingxenye yempumelelo yabesifazane kwezemidlalo. Kuyintokozo kithina ukuba nobudlelwano nama-gsport Awards asenqotshwe yizinkakha ezinjengo-Caster Semenya, Hayley Nixon, Thembi Kgatlana, nabanye.“
Abanye abazobungazwa kuzobe kungabaqeqeshi, izintatheli, abasakazi nabanye abasebenza kweminye imikhakha yezemidlalo.
Enye yezindondo ezizobe zibhekwe kakhulu eye-Momentum Athlete of the Year ezonqotshwa ngumdlali wesifazane obevele phakathi kukaJuni wanyakenye kuze kushaye uJuni kulo nyaka.
Abasethubeni lokuthatha le ndondo ngumdlali wegalofu uCaitlyn Macnab, umdlali webhola likanobhutshuzwayo uRhoda Mulaudzi, nowekhilikithi uShabnim Ismail.
Emunxeni we-Team of the Year kubanga iBanyana Banyana, iqembu lakuleli le-netball amaSpar Proteas neqembu labesifazane le-Water Polo ebeliyingxenye yamaOlympics aseRio.