KUZOGUGA iphakethe kwiSouth African Rugby ngemuva kokuhlawuliswa izindodla ezibalelwa ku-20 pounds (R430 833.20) ngokulahlwa yicala ebimangalelwe kulo nomqondisi wombhoxo kule nhlangano, uRassie Erasmus.
Lokhu kuqinisekiswe yiyo iSA Rugby ngoLwesine ntambama ishicilela isitatimende kwiwebsite yayo iveza ukuthi yona no-Erasmus bayasihoxisa isicelo sokuphonsela inselelo isigwebo esibekwe phezu kwabo yiWorld Rugby ngeledlule.
“ISA Rugby noRassie Erasmus bafisa ukuxolisa konondweba bomdlalo ababeqokwe kwitest yokuqala yamaBhokobhoko neBritish & Irish Lions,” kusho isitatimende seSA Rugby.
“Sifisa nokuqinisekisa ukuthi iSA Rugby no-Erasmus sebeyelulekile iWorld Rugby ukuthi bayasihoxisa isicelo sokudlulisela udaba phambili ukuphikisa isigwebo ebesikhishwe yiKomidi lezoMthetho.
“Lesi kube yisikhathi esibanga olukhulu ukhwantalala kubo bonke abathintekayo ngakho asinaso isifiso sokuqhuba lokhu.
“Sifaka umgoqo kulolu daba futhi sifisa kuphela ukuqhubekela phambili. Siyazihlonipha izinqumo nokuvunyelwa kokuthi amaqembu ethu esizwe aqhubeke nokuhlella izinyanga ezizayo.”
Udaba luqale ngoJulayi emdlalweni wokuqala womjikelezo wamaBritish & Irish Lions kuleli lapho u-Erasmus aqopha khona ivideo ende ebalula iziwombe ezingu-26 asola ngazo onondweba abebeholwa nguNick Berry.
Lowo mdlalo amaBhokobhoko ehlulwa kuwo. Ngo-Okthoba iWorld Rugby ibeke u-Erasmus icala neSA Rugby ngokunjalo.
Emasontweni amabili edlule libalahlile icala, u-Erasmus edingiswa izinyanga ezimbili engadlali engaqeqeshi embhoxweni.
Kuphinde kwabekwa izinyanga ezizophela ngoSepthemba wonyaka ozayo engazibandakanye nokuqeqesha nokusho ukuthi uzongabonakali ebhentshini lamaBhokobhoko lapho kulezi nsuku abevela khona samuntu othwalela iqembu amanzi.
Nokho lokho akusho ukuthi ngeke akwazi ukusiza iqembu esithe lilungiselela imidlalo nokuzoba mqoka kule minyaka emibili kulungiselelwa i-2023 Rugby World Cup.
AmaBhokobhoko nokho azoze abuyele enkundleni ngoJulayi esebhekene neWales kwemithathu yamatest.
Ezinhle kumaBhokobhoko wukusonga unyaka ezihola phambili ekuklelisweni kweWorld Rugby nokunqoba umjikelezo wamaB&I Lions ngo-Agasti.