UMNYANGO wezeMfundo uzodingida udaba lokuthi ngabe kumele zimiswe yini ezemidlalo ezikoleni njengoba zikhula izibalo zabafundi abatheleleke ngeCovid-19.
UMnuz Elijah Mhlanga okhulumela umnyango, uthe iningi lezikole kwezingu-10 zaseGauteng ezinabafundi abatheleleke ngeCovi-19 bathole ukuthi bebedlala ndawonye noma bathintene nabanye bedlala.
Uqhube wathi okwamanje basahlaziya imibiko ethunyelwe yizikole ezithintekayo kodwa kuleyo asebeyifundile bayabona ukuthi imidlalo edlalwa ezikoleni iyona eholele ekutheni abafundi batheleleke ngobuningi.
"Ngaphandle kwaseGauteng zikhona nezinye izifundazwe ezinenkinga efanayo. Okwamanje izikole ezithintekayo zinqume ukulumisa uhlelo lwemidlalo ezikoleni. Uma kukhona ezinye izikole ezenze okufanayo siyazeseka kuleso sinqumo," kusho yena.
Uthe isinqumo sokuvulwa kwezemidlalo ezikoleni sasithathwe ngemva kokuthi izikole ezinezinhlelo zezemidlalo zazithe zinesifiso sokuthi lezi zinhlelo zivulwe.
"Manje izikole eziningi zithi sezifisa ukuzimisa lezi zinhlelo. Asikathathwa isinqumo sokuthi kuzokwenziwa njani. Kuleli sonto kusazoba nomhlangano womqondisi-jikelele womnyango wezemfundo nongqongqoshe bezifundazwe lapho bezobe bechaza ukuthi ezifundazweni zabo kumi kanjani," kusho yena.
Uthe uma sekuhlanganiswe lonke ulwazi olukhona uNgqongqoshe walo Mnyango uNkk Angie Motshekga uzokwenza isimemezelo.
Uthe akakazi ukuthi leso simemezelo sizokwenziwa nini.
Usho kanjena nje isishoshovu sezemfundo uMnuz Hendrick Makaneta, ngoLwesihlanu wenze isiphakamiso sokuthi zimiswe ezemidlalo ezikoleni ngesikhathi sasebusika ngoba kunengozi yokuthi abafundi bathelelane ngeCovid-19.
"Njengamanje kunezikole esezivaliwe ngenxa yokuthi abafundi bathelelane ngeCovid-19 asikwazi ukubeka abanye abafundi engcupheni, uhulumeni kumele amise ezemidlalo ezikoleni ngokushesha," kusho yena.