IQEMBU lekhilikithi labesilisa lakuleli kufanele linqobe iNetherlands, emdlalweni walo wokugcina wamaqoqo kwiNdebe yoMhlaba yeT20, ngemuva kokudliwa yiPakistan ngama-run angu-33 ngoLwesine ntambama, eSydney Cricket Ground.
AmaProteas angene kulo mdlalo edinga ukunqoba ukuze azibekisele indawo kowandulela owamanqamu. IPakistan nayo ibidinga ukuwina ukuze igcine amathuba okudlulela esigabeni somkhumulajezi.
IPakistan iwine ithosi yakhetha ukubhetha kuqala. Ilahlekelwe amawikhethi ekuqaleni kwe-innings kodwa yakwazi ukuhlanganisa ama-run angu-185, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalolunye.
AmaProtea abedinga ama-run angu-186, kuma-over angu-20 kodwa ngemuva kokuthi umdlalo uphazanyiswe yimvula ama-over ehlisiwe, kwadingeka ukuthi bahlanganise ama-run angu-134, kuma-over angu-14.
Ahlulekile ukufinyelela lapho njengoba eqede kuma-run angu-108, eselahlekelwe amawikhethi ayisishiyigalolunye.
Lo mphumela usho ukuthi i-India, iqhwakele kuGroup 2 ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emine, elakuleli lisendaweni yesibili ngamahlanu kuthi iPakistan ilale isithathu ngamane.
IBangladesh isendaweni yesine ngamaphuzu amathathu, ilandelwa yiZimbabwe ngamaphuzu amathathu, kuthi iNetherlands ibesemsileni ngamaphuzu amabili.
“Siphoxekile ngendlela esiqede ngayo ukushwiba, sibavumele ukuthi bathole ama-run amaningi. Miningi imibuzo okumele sizibuze yona sithole nezisombululo,” kusho ukaputeni wamaProtea, uTemba Bavuma.
"Besazi ukuthi isimo sezulu sizoba yinkinga kodwa ngeke sibeke izaba. Sihlulekile ukuthi sizijwayeze isimo senkundla ngokushesha.
"Umdlalo wethu olandelayo neNetherlands uzoba omkhulu kithina. Uma sibheka ukuthi sikuphi kwi-log kusobala ukuthi sifuna ukuthola okungcono kakhulu kulo mdlalo. Kumele senze isiqiniseko sokuthi sisesimeni esifanele ngokwengqondo ukuze sidlale ikhilikithi ehamba phambili."
AmaProtea azobhekana neNetherlands, ngeSonto ngo-2 ekuseni ngokwesikhathi sakuleli, e-Adelaide Oval.
Khonamanjalo, ezekhilikithi yasekhaya ngoMgqibelo ngo-2:30 ntambama iHollywoodbets Dolphins, izobhekana neMomentum Multiply Titans kowamanqamu weCSA T20 Challenge eJB Marks Oval, ePotchefstroom.
I-Titans ishaye i-ITEC Knights ngama-run angu-38 kowandulela owamanqamu, iDolphins yadla iBoland Rocks ngama-run angu-20.