SITHEMBISO MKHIZE
IBAMBA lesikhulu esiphezulu kwiBoxing South Africa (BSA), u-Eric Nsikayezwe Sithole, liqinisekisa ukuthi ngeke uphele uJulayi bengasisayinanga isivumelwano sokusebenzisana neSouth African Broadcasting Corporation (SABC).
Kungakapheli sikhathi uSithole ebanjiswe lesi sikhundla ekuqaleni kukaJanuwari, uzakhele ugazi kubalandeli bezamankomane eveza ukuthi maduze izimpi zizobuyiselwa kwaSABC.
Wathi bavumelene ngokuthi basayine isivumelwano seminyaka emithathu.
Ukungaboniswa bukhoma kwalo mdlalo kulo msakazeli womphakathi yikho okuhlonzwa njengokuwubulalayo.
Kule minyaka edlule isibhakela siyekiwe ukusakazwa ngokugcwele kwaSABC, lo mdlalo ulahlekelwe yinqwaba yabaxhasi nedumela emphakathini.
USithole wayeveze ukuthi bavumelane neSABC ukuthi ngo-2022 izobonisa izimpi ezingu-24.
Osekushayisa abalandeli ngovalo wukuthi kubukeka unyaka usuya ngasemaphethelweni isibhakela siqhubeka nokungavezwa kwiSABC.
Leli phephandaba lithinta uSithole, uthe:" SiyiBSA siyazi ukuthi kubuhlungu kangakanani ezinhlakeni zalo mdlalo ukungasakazwa kwawo. Ngithi kuzo phansi amaphaphu, ngiyakuqinisekisa ukuthi ngeke uphele uJulayi singasisayinile isivumelwano sokusebenzisana. SineSABC sesiqede u-98% ngalesi sivumelwano. Besibanjwe izinto ezithinta umthetho. Kushoda izinto ezimbili noma ezintathu".
Mayelana nokuthi kulo nyaka iSABC isazokwazi yini ukubonisa izimpi ezingu-24, uchaze wathi:" Impela kusazoba njengoba sasivumelene. Angikucacise ukuthi unyaka wethu neSABC uphela ekusongweni kukaMashi wangonyaka ozayo. Ngonyaka wesibili kuzosakazwa ezingu-36 bese kowesithathu kuboniswe ezingu-54".
Kuzokhumbuleka ukuthi uma iSABC noma yisiphi esinye isiteshi siveza izimpi, sithenga amalungelo okuzisakaza kophromotha. Le nkece ibasiza kakhulu ekukhokheleni izindleko zokuhlela umqhudelwano.
Selokhu iSABC yayeka ukusakaza lo mdlalo, sekubhoke indlala kumabhokisa ngenxa yokwehla kwesibalo semiqhudelwano yezimpi.
USithole uveze ukuthi emasontweni edlule ibhodi leBSA belidingida umhlahlandlela weminyaka emihlanu, ozoqala ngonyaka ozayo uphele ngo-2028.
"Phakathi kwesivumelene ngakho ukuthi ngeke kusangena noma ubani esibhakeleni. Abazongena bazoqale bahlolwe kanzulu. Kuvele kungene noma ubani ngoba nakhu ezwe ukuthi uhulumeni uzofaka izizumbulu. Sifuna imiqhudelwano kube ngeyezinga eliphezulu. Kasifuni ukuzihlaza emphakathini. Izimpi zethu sezizosakazwa," kubeka uSithole.
Uveze nokuthi uyabuya umcimbi wamaBSA Award.
Uthe kubuya nomqhudelwano owawaziwa ngamaBaby Champ.
Kuwo kwakulwa amabhokisa asafika esibhakeleni esikhokhelayo.
Uqhube wathi bahlela nokuthenga ibhilidi leBSA, ukwakha inqolobane yomlando wesibhakela sakuleli.
Uveze nokuthi kuzokwakhiwa neSA Hall of Fame okuzobhalwa kuyo amagama amaqhawe esibhakela sakuleli.
Kuzophinde kusungulwe nesikhwama esizosiza amabhokisa asethathe umhlalaphansi.