IFIKELWE wumunyu intokazi eyingqwele yebhande likazwelonke le-junior Bantam, uThema "Stone Cold" Zuma, ichaza ngosizi lokuziqeqeshela emnyango ngenxa yokungabi negumbi lokujima.
UThema (30) odabuka eDududu, ujabulise abalandeli bakhe evikela lesi sicoco kuBathabile Ziqubu waseDundee, emqhudelwaneni obungempelasonto edlule, eCecil Emmett Hall, eVryheid, kuMasipala Abaqulusi. Unqobe impi ngamaphuzu.
Le mpi bekungeyosuku kulo mqhudelwano obuhlelwe iStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga.
Ngawo bekukhunjulwa uSimiso "Gandaganda" Buthelezi owashona ngoJuni nyakenye ngemuva kokushayeka kabi elwa noSiphesihle Mtungwa ezimpini ezaziqhathwe yiyo iStarline, eGreyville, eThekwini.
Le nsizwa yaseBilanyoni, eDumbe, yadlula emhlabeni isanda kugogoda ezifundweni zeBSc Degree in Botany and Zoology, e-University of Zululand.
UThema ocijwa uPro Cabe, eLamontville, eThekwini, utshele Isolezwe ukuthi kuthi akasidinde esikaNandi uma echaza ngosizi lokujimela emnyango.
Uthe ihholo ababejimela kulo selokhu lavalwa ngemuva kwezikhukhula zangonyaka odlule. Udalule ukuthi uze waphoqeleka ukuyojima eLudonga Boxing Gym, esedolobheni.
"Asisazi ukuthi sizokhuluma sithini nekhansela lethu nomasipala. Kuyihlazo ukuthi umpetha oyimi ujimela emnyango. Ngiyazicelela kosomabhizinisi ukuthi basakhele ijimu. Ziningi izingane ezizosizakala ngayo. Angiziceleli nje mina kuphela. Sizani bo, ngiyanicela," kubeka uThema obonge wanconcoza kwabaseLudonga nakuSizwe "Bhubesi" Mthembu obesizana noCabe.
Impi yakhe noBathabile bekuyimpindamshaye. Ibhande le-junior Bantamweight, walithatha nyakenye elwa naye. Lalingaphethwe muntu. Kwenye impi yesicoco, uMpendulo Matshikiza ushaye ngamaphuzu uNhlonipho Hlubi kweyebhande ebelingaphethwe muntu le-KZN featherweight.
UMalinga weStarline, uthe kumjabulisile ukuthi ekugcineni wenziwe umqhudelwano wokuhlonipha uGandaganda. Uveze ukuthi okumphathe kabi ukungabatholi abaxhasi.
"Ukungabatholi ngokwanele abaxhasi kusivimbe ekutheni senzele umndeni kaGandaganda ebesikufisa. Noma kunjalo ngibonga kakhulu nakumasipala waseDumbe ngokusixhasa. Ngibonga kakhulu nakowaBaqulusi. Isandla sidlula ikhanda naseMnyangweni wezeMidlalo ngokusixhasa. Ngeke ngiyishiye ngaphandle neSABC.
"Kuzothi uma sesiqedile ukubala nokukhokhela abebeyingxenye yalo mqhudelwano sibheke ukuthi umndeni kaGandaganda siwuxhasa ngokungakanani," kubeka uMalinga.
Kwezinye izimpi zosuku, kweye-featherweight, u-Innocent "Tycoon" Mantengu ushaye ngamaphuzu uRomero Makwakwa waseMalawi kwathi kweye-middleweight, uDonjuan van Heerden waqumba phansi uNtsako Mayimbo ngomcacamezelo womlalisa phansi. Kweye-flyweight, uMthobisi Nkosi unqobe ngamaphuzu kuSibonelo Maseko kwathi kweye-bantamweight, uManqoba Magubane wahlula ngendlela efanayo uSiphelele Dubazane.