UVUKE wama ngezinyawo, uQuinton de Kock, ngesikhathi amaProteas enqoba umdlalo wesibili kwemithathu ewuchungechunge lweKFC T20 neWest Indies ngoMsombuluko, eWanderers, eGoli.
UDe Kock owaziwa ngokulisakaza inkundla yonke ibhola wenze lokhu obekudingeka kwazise amaProteas eze kulo mdlalo elandela ngemuva ngo-1-0, abemelwe ukushaya ama-run angu-259 kuma-over angu-20 uma efuna ukunqoba.
Emuva kwewini yamaProteas, zibambene ngo-1-1 kule midlalo ngaphambi kowanamuhla ngo-6 ntambama enkundleni efanayo okuyiwona ozokhipha umakhonya.
UDe Kock obekhombisa izimpawu zokwehlelwa yifomu phambilini, uphume egingqa iqanda kowokuqala onqotshwe yizivakashi (kulandela ukuncishiswa kwesikhathi ngenxa yemvula), ngempelasonto ePitoli.
Ubuqhawe bukaDe Kock ngoMsombuluko, bebuphelezelwa obunye obebuza nozakwabo, uReeza Hendricks, naye owenze ezibukwayo.
UDe Kock noHendricks bebemelwe ukushaya ama-run angaphezulu kwangu-12 nge-over uma ebezimisele ngokufica isibalo ebesibekwe izivakashi.
Bobabili laba badlali bahlanganise ama-run angu-125 kuma-over angu-10 okusidwebe sacaca isithombe sokuthi amaProteas analo ithuba lokufika kulesi sibalo.
Kwi-over yokuqala bahlanganise ama-run angu-13 kodwa ku-50 wama-run bafike kungakafikwa ngisho kweyesithathu i-over.
UDe Kock uyena obehamba phambili njengoba eze waziqophela owakhe umlando ngokuhlanganisa ama-run angu-100 okokuqala kwi-T20.
Ufike ku-50 wama-run esabhekane namabhola ngu-13 kuphela okulandelwe ukuthi afike kuma-run angu-100 ngamabhola angu-43 kuphela.
Nakuba esheshe waphuma emuva kokuhlanganisa u-100 kodwa umanakalo ubesevele ewenzile. NoHendricks ube nesikhulu isandla kule wini kwazise ushaye ama-run angu-68 kumabhola angu-28.
URilee Rossouw, David Miller, Aiden Makram noHeinrich Klaasen, bonke bangene sebezoqedela umsebenzi obusuvele wenziwe uDe Kock okhombisa izimpawu zokubuyelwa ifomu ngesikhathi esikahle njengoba amaProteas elungiselela iNdebe yoMhlaba ezoba se-India ngasekupheleni konyaka.