KUSENZIMA ukuthi uNtando Mahlangu akholwe ukuthi nguyena lona onqobe indodo yegolide kwi-T63 long jump kuma-Paralympics aseTokyo eJapan.
UMahlangu (19) uveze ukuthi kusamumangaza ukuthi ushaye izethenjwa kulo mdlalo ekubeni ubesenesikhathi eside agcina ukuyibamba kwi-long jump.
Unqobe wabuye waphula irekhodi lomhlaba ngokugxuma ibanga eliwu-7.17m, ehlula uLeon Schafer waseGermany owenze ibanga eliwu-7.12m.
Bekuyihlandla lesibili le nsizwa inqobela elakuleli indondo kulo mqhudelwano. Ngo-2016, eRio de Janeiro, eBrazil, yanqoba eyesiliva ebangeni lika-200m T42.
UMahlangu obonge wancocoza kumqeqeshi wakhe, unqobe le ndondo elandela u-Anrune Wayers (28) owenze ezibukwayo kwi-400m T47.
Nango-2012, eLondon, u-Arune wanqoba isiliva nethusi kwi-400m naku-200m T46.
"Angazi ukuthi ngingayichaza kanjani injabulo enginayo. Ukwenza ibanga eliwu-7.17m emqhudelwaneni ofana nalona, kimina kusho lukhulu. Bekuwumqhudelwano onzima kodwa ngenza kahle kuwo.
“Kuyangijabulisa ukuthi ngigcine ngithola igolide. Ukuthola le ndondo akuzange kube yinto elula. Kungithathe amasonto ayisithupha ukulungiselela lo mqhudelwano. Ngibonga nabantu baseJapan ngokusamukela ezweni labo,“ kusho uMahlangu omane wachiphiza izinyembezi ngemuva kokugxuma leli banga.
"Yisimangaliso lesi, bese kuphele isikhathi eside ngagcina ukudlala i-long jump, buka nje sengithola indondo yegolide. Okungenza ngizigqaje ukuthi bengiqhudelana nabantu bezinga eliphezulu. Ngibuye ngasizwa ukuthi ngize lapha ngingenayo nencane ingcindezi. Ngibafisela inhlanhla nabanye ozakwethu esize nabo lapha.“
UMahlangu akaqali ukuphephezelisa ifulegi lakuleli, nango-2019, wanqoba indondo kuma-World Championships, eDubai. Empeleni le nsizwa yaqala ukuzakhela igama ngo-2017, kuma-World Junior Championships, eNottwil, eSwitzerland, ihlabana ngegolide kwi-100m T42.
UMahlangu uke wavela nakwi-Netflix, ohlelweni iRising Phoenix.