ZAKHELE XABA
KUPHELILE ukuxebula umkhoma kophromotha nabaqeqeshi besibhakela besigaba esikhokhelayo abebezitapela kubashayisibhakela abaqhakazayo esigabeni sama-amesha.
Lokhu kuvezwe ngumengameli weSouth African National Boxing Organisation (Sanabo), uSiyabulela Mkhwalo, ngesikhathi kunezimpi ezaziwa nge-2022 Sanabo National Elite Trials, obekuqhuthana kuzona abashayisibhakela abavela ezifundazweni ezahlukene zakuleli.
Bekuqokwa iqembu labashayisibhakela abawu-22 abasafufusa abazomela iNingizimu Afrika emidlalweni yama-Commonwealth ezoba seBirmingham, e-England, ngoJulayi. Lo mqhudelwano wezindawo eqenjini lesizwe, usongwe ngoMgqibelo, eGlencoe Community Hall ngaseDundee. Iqembu laseNingizimu Afrika elihlanganisa amabhokisa esilisa nawesifazane, lizoqala ikhempu ekupheleni kwenyanga ngaphambi kokulibangisa kumaZone 6 e-Angola ngo-Ephreli.
Lesi sikwati yisona esizocijelwa ukutholela uMzansi indawo kuma-Olympic azoba seParis, eFrance, ngo-2024. UMkhwalo uthe iphelile eyokuhlwithwa abashayisibhakela besengamakluma kulandela isivumelwabo abasisayine neBoxing South Africa (BSA).
"Bekungekho ukubambisana okuhle phakathi kweBSA neSanabo mayelana namabhokisa asuka kithina anyukele esigabeni esikhokhelayo. Ophromotha kade bevele bewathathe amabhokisa ngaphandle kokukhuluma nathi, amanye engakaphekeki kahle. Emuva komhlangano nebhodi entsha yeBSA, sivumelene ukuthi ophromotha bakhulume nathi uma bemfuna umshayisibhakela futhi kunemali okufanele bayikhokhe kwiSanabo. Ngicabanga ukuthi lokho kuzowuqeda umdonsiswano phakathi kophromotha neSanabo," kusho uMkhwalo.
Impi phakathi kwesigaba sama-amesha nesikhokhelayo ineminyaka ikhona. Kubashayisibhakela abebekade belwela ukungena esikwatini samaCommonwealth, kukhona asebesondele ukungena esigabeni esikhokhelayo, asebevele bafunwa ngophromotha. Abanye bakuvezile ukuthi bancengwe ngabaqeqeshi ukuthi beyozama ukutholela iNingizimu Afrika indondo kuma-Commonwealth kuqala ngaphambi kokuwelela 'emalini'.
Umshayisibhakela wesifazane, uPhilile Ndelu waseMlaza ozitholele indawo eqenjini lesizwe, uthe unethemba lokubuya nendondo eBirmingham.
"Ngijabule kakhulu ngokuthi ngizoqhubekela phambili ngiyomela uMzansi. Kukhulu engizokuzuza ngalokho. Ngizophakamisa iKwaZulu-Natal. Ngifisa ukuqhubeka nesibhakela ngize ngifike esigabeni lapho ngiholelwa khona imali," kusho uNdelu.