AMAQEMBU aseThekwini, iGilbert Stars ne-Ocean Predators, ayisonge ngegiya eliphezulu isizini yeKZN Super League enqoba izicoco zeGrand Finale eVictoria Mxenge Hall eMlaza, ngempelasonto.
IStars ibe ngompetha besigaba sabesifazane, ishaya uMhlathuze Eagles ngo 47-35 kowamanqamu, kwathi i-Ocean Predators yadla iZiphozonke 43-42 kowamanqamu kwabesilisa.
Umqhudelwano uqale ngoMgqibelo lapho iStars iguqise khona iqembu leZiphozonke labesifazane ngo 52-40 kowandulela owamanqamu, uMhlathuze wakhipha iCheetahs ngo 41-33.
Ngosuku olufanayo esigabeni sabesilisa iPredators ishaye iMighty Zips ngo 43-35, kwathi iZiphozonke yakhipha iHashtag OP ngo 47-32.
Umqeqeshi futhi ongumdlali weGilbert Stars, uPrecious Mthembu uthe uyaziqhenya ngendlela abadlali abalwe ngayo ukuze bavikele isicoco ngemuva kokuthi iligi ithathwe yiCheetahs.
Uphinde wahalalisela wonke amaqembu abambe iqhaza ngokukhombisa izinga eliphezulu le-netball edlalwa esifundazweni iKwaZulu-Natal.
"Ngikholwa wukuthi kule mpelasonto sihlabeke umxhwele ngezinga elikhonjiswe ngamaqembu abesifazane nawabesilisa abedlala eMlaza. Bekumnandi kakhulu futhi bekumnandi ukubona zonke izinhlaka zezemidlalo zaseKZN zifika zizokweseka abadlali abasezingeni eliphezulu bakulesi sifundazwe," kusho. Mthembu.
"IGilbert Stars idlale kahle futhi ngiyawuncoma kakhulu uMhlathuze ngokudlala umdlalo omuhle kakhulu. Bengivele ngilindele ukuthi basinike umdlalo onzima ngoba bengibabuka bethuthuka kule sizini. Baphinde bakhombisa ukuthi bayingozi ngokukhipha ompetha beSuper League, iCheetahs.
“Mhlawumbe bebengabuya kowamanqamu, ukube bekusenesikhathi esisele kodwa iGilbert Stars ikhombise isipiliyoni sayo. Cishe isipiliyoni kube yiwona umehluko omkhulu phakathi kwala maqembu womabili.
"Ngihalalisela iCheetahs ngokuwina iSuper League kodwa ngiyaziqhenya ngeGilbert Stars ngokuvuka indlobane yathatha indebe yeGrand Finale. Ngithanda futhi ukuhalalisela iqembu labesilisa, i-Ocean Predators ngokunqoba iSuper League neGrand Finale ."
Izindondo zethusi ziwinwe yiCheetahs esigabeni sabesifazane, iHashtag OP yazithatha kwabesilisa. Kowamanqamu weClub Development League, uMgungundlovu ushaye iZululand ngo 44- 43.
UMengameli we-KZN Netball, uGugu Ngema, uthe: "Lena bekuyindlela enhle yokuqeda isizini ebiyinhle kakhulu. Sibonga wonke amaqembu ngemizamo yawo futhi wonke angabanqobi emehlweni ethu. Sihalalisela wonke amaqembu anqobe izindebe nabo bonke abadlali abathole izindondo. Sithanda nokubonga abaxhasi bethu nawo wonke umuntu osisizile ekuhleleni lo mqhudelwano. Siyethemba ukuthi kusekuningi okuhle okuzayo kwi-netball kulesi sifundazwe.”