SITHEMBISO MKHIZE
KUPHINDE kwawa omunye umuthi omkhulu kwezamankomane kudlula emhlabeni uThulani "Nkunzi" Magudulela (58) obengumnikazi weLudonga Boxing Promotions.
Izindaba zokushona kwalo phromotha obefana nobaba wesibhakela KwaZulu-Natal, ziqinisekiswe kwiSolezwe yindodana yakhe uZwilenkosi Magudulela.
UMagudulela isibhakela usiqale ngo-2000 eqeqesha esigabeni esingakhokheli. Kwesikhokhelayo uqale ngo- 2008.
UZwilenkosi ongumqeqeshi eThekwini Gym ebiphethwe wuyise, udalule ukuthi uyise udlule emhlabeni ngo-10ebusuku ngoMsombuluko.
Ushonele ekhaya, KwaNongoma, esigodini iMaphophoma lapho azalelwa khona.
UZwilenkosi uveze ukuthi uyise ushone ebalisa ngokubhuntsha komqhudelwano abewuhlelela ukuthi ube ngempelasonto edlule KwaNongoma.
Lo mqhudelwano ubhuntshe ngenxa yokutholakala kwamabhokisa athile ehaqwe iCovid-19.
Bese zihlehle amahlandla amahlanu lezi zimpi.
Indodana kaMagudulela ithe uyise ubuye waba nomkwantalala kakhulu ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMzimasi Mnguni we-Eyethu Boxing Promotions abebezwana kakhulu naye.
"Ushone ebalisa ngosizi olubhekene namabhokisa asehlale isikhathi eside engalwi. Nokushona kukaMnguni bekumphethe kabi kakhulu ubaba. Ngilahlekelwe kakhulu, ngithi lala ngokuthula Magudulela, uyibekile induku ebandla, "kubeka uZwilenkosi.
UMagudulela oshiye emhlabeni izingane ezingu-13, uzokhumbuleka ngokuqeda ishobolo leKwaZulu-Natal lokuhluleka ukukhiqiza ompetha.
Ukhiqize ompetha abafana noWiseman" Sabalutho" Dlomo owanqoba ibhande lakuleli losondonzima, Christopher Buthelezi owayeyingqwele yesicoco seMiddleweight, Siboniso "Tiger" Gonya owanqoba iWBA Pan African neWBO Inter-Continental Bantamweight ukusho abambalwa.
Kamuva, uMagudulela usize u-Ayanda "Nyamazane" Mthembu enqoba iWBF All Africa Middleweight.
Kufanele wukuthi akekho umlandeli wesibhakela oyokhohlwa impi eyeyiqhathwe uMagudulela ngo-2015, yokuhlungela ukulwela ibhande le-WBC Cruiserweight.
Kuleyo mpi eyayiseThekwini, okwanqoba kuyo u-Ilungu Makabu waseDRC eshaya uThabiso " The Rock" Mchunu, i-ICC, yayigcwele phama. Lo mqhudelwano wasakazwa nayiziteshi zethelevishini zangaphandle kwakuleli.
Wuye lo phromotha ohambise uGonya, eBelfast, eNorthern Ireland, ngo-2017 eyolwa nomkhaya wakhe uZolani Tete kweyebhande le-WBO World.
Le mpi yaduma umhlaba wonke ngenxa yerekhodi elaphuka lokushaywa kukaGonya kusaphele imizuzwana iqalile.
UMagudulela uphinde waqhatha amabhokisa ahlonishwa umhlaba wonke okukhona kuwona noMoruti "Babyface" Mthalane oyingqwele ye-IBF Flyweight.
Abezinhlaka zesibhakela abakhulume neSolezwe bazwakalise okukhulu ukushaqeka ngokushona kwaleli qhawe.
UZandile Malinga weStarline Boxing Promotions ongomunye owasungula nomufi iKZN Professional Boxing Association eminyakeni emihlanu eyedlule, uthe akakakholwa ukuthi uMagudulela akasekho emhlabeni.
"Lala ngokuthula Magudulela, ngikuleli zinga ngenxa yakho. Ngiyakuthembisa, sizoqhubeka nokubeka ezamankomane ezingeni obuhlale uphupha ngalo. Ngiphinda ngiyathembisa ukuthi sizowulekelela umndeni wakho ukuqhubeka neLudonga. Uyilimile indima yakho, nathi sizosala siyiqhuba," kusho uMalinga.
UMlandeli Tengimfene oyimenenja kaTete, uncome uMagudulela ngokunyusa izinga lezamankomane kuleli.