UMQONDISI womqhudelwano weNdebe yoMhlaba ye-netball ka-2023, uPriscilla Masisi, unxuse abalandeli be-netball nezakhamuzi zakuleli ukuthi baqhubeke nokuthenga amathikithi alo mqhudelwano njengoba usondela.
NgoLwesithathu, bekunemicimbi yokugubha izinsuku ezingu-100 ngaphambi kokuthi lo mqhudelwao uqale eCape Town International Convention Centre, eKapa, lapho kuzodlalelwa khona yonke imidlalo kusukela ngoJulayi 28 kuya ku-Agasti 6.
Kuzobe kungokokuqala ukuthi lo mqhudelwano udlalelwe ezwenikazi i-Afrika.
INingizimu Afrika yanikwa igunya lokusingatha lo mqhudelwano ozoba namazwe angu-16 ngo-2019, ngemuva kowawuse-England, edolobheni iLiverpool.
Bekunezinhlelo zokugubha izinsuku ezingu-100 ngaphambi kokuthi kudlalwe umdlalo wokuqala kodwa omkhulukazi ububanjelwe eKapa, lapho bekukhona uNgqongqoshe wezeMidlalo kazwelonke, uZizi Kodwa, umengameli weNetball South Africa, Cecilia Molokwane nezinye izicukuthwane.
Kuphinde kwamenyezelwa ukuthi kuningi okuhleliwe emasontweni azayo ukuze kuqwashiswe abantu futhi kugqugquzelwe ukwesekwa kweNdebe yoMhlaba ezayo.
“Ukugubha ukuthi sezingu-100 izinsuku ezisele ngaphambi kweNdebe yoMhlaba, kuzosinika ithuba lokukhuthaza amazwe angu-16 azobamba iqhaza ukuthi anxuse abalandeli bawo ukuthi beze bezoseka amaqembu abo,” kusho uMasisi.
“Ngakho-ke sikhuthaza bonke abalandeli ukuthi bathenge amathikithi abo ukuze bahambele le Ndebe yoMhlaba ye-netball ezodlalelwa e-Afrika okokuqala ngqa.
“Siyazethemba ukuthi sikulungele ukusingatha lo mqhudelwano wamazwe ngamazwe kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti.”
Amathikithi adayiswa kwi-website esemthethweni yalo mqhudelwano, i-www.nwc2023.org.za kanti aqala ku-R500. Ngokusho kukaMolokwane obekhulu kwiNewzroom Afrika ngoLwesine ekuseni, kuhamba kahle ukudayiswa kwamathikithi. Uthe asedayise aphela lawo awokuvula umqhudelwano kanjalo nalawo athinta imidlalo yeqembu lakuleli.
ISPAR Proteas, izoqala imidlalo yamaqoqo kuPool C lapho iqhathwe khona neJamaica, Wales neSri Lanka.
KuPool A kune-Australia, Tonga, Zimbabwe neFiji, kuPool B kufakwe i-England, Malawi, Scotland neBarbados bese iNew Zealand, Uganda, Trinidad and Tobago neSingapore bedudulana kuPool D.