WENZE izinguquko ezinhlanu eqenjini elizoqala umdlalo wesibili weRugby Championship neNew Zealand, umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber.
Zitholana phezulu ngoMgqibelo ngo-5 ntambama, e-Ellis Park, eGoli. Kushintshwe ababili emuva, uJaden Hendrikse uzothatha indawo ka-Faf de Klerk kwi-scrumhalf, kulandela ukushayeka kwakhe ekhanda ngesikhathi benqoba ama-All Blacks ngo 26-10 ngoMgqibelo odlule.
UJesse Kriel uzoqala ophikweni lwesokudla endaweni kaKurt-Lee Arendse, okhululiwe eqenjini ngemuva kokumiswa amasonto amane. U-Arendse ethole ikhadi elibomvu emdlalweni odlule ngenxa yokudlalisa kabi umdlali waseNew Zealand.
Phambili uDuane Vermeulen uzovala isikhala sikaJasper Wiese, uBongi Mbonambi aqale esikhaleni sikaMalcolm Marx kwi-hooker, kuthi u-Ox Nche athathe indawo kaTrevor Nyakane kwi-prop.
“Senze izinguquko ezimbalwa eqenjini kodwa uDuane, uJesse noHerschel bonke bangabadlali abanamava abazazi kahle izinhlelo zethu futhi abayizethenjwa kumaBok,” kusho uNienaber.
“U-Ox uphinde wakhombisa ukuthi uyakwazi ukufaka umfutho phambili, ngakho-ke usebuyile.”
UNienaber uthe ulindele ukuthi iNew Zealand ibuye ngamandla ngoMgqibelo, ngemva komphumela wangempelasonto edlule.
“INew Zealand iyafana namaBhokobhoko ngendlela yokuthi ayidikibali,” usho kanje.
“Balwe kwaze kwaba sekugcineni eMbombela Stadium, ngesonto eledlule futhi silindele okufanayo kubo ngoMgqibelo. Banabadlali abaseqophelweni eliphezulu futhi uma kubhekwa umlando phakathi kwala maqembu eGoli, silindele omunye umdlalo onzima.
"Balangazelele ukubuya ngemva kwemiphumela embalwa engemihle, siyazi ukuthi sizobhekana nenselelo enkulu kule mpelasonto.
“Sigxile ekuthuthukiseni umdlalo wethu nokuqinisekisa ukuthi siqhubeka nomgqigqo wangesonto eledlule. Siwubhekisisile umdlalo sabona okuningi okuhle esikwenzile kodwa kunezindawo okudingeka sithuthuke kuzona. Kubalulekile ukuthi silungise lokho ngaphambi kokuthi siye e-Australia nase-Argentina.”
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neNew Zealand:
Abazoqala: 15 Damian Willemse, 14 Jesse Kriel, 13 Lukhanyo Am, 12 Damian de Allende, 11 Makazole Mapimpi, 10 Handre Pollard, 9 Jaden Hendrikse , 8 Duane Vermeulen, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siyamthanda Kolisi (kaputeni), 5 Lodewyk de Jager, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Mbongeni Mbonambi, 1 Retshegofaditswe Nche.
Ebhentshini: 16 Malcolm Marx , 17 Steven Kitshoff, 18 Vincent Koch, 19 Franco Mostert, 20 Albertus Smith, 21 Hershel Jantjies, 23 Willie le Roux.