USEDLULILE emhlabeni umshayisibhakela, uSimiso "Gandaganda" Buthelezi, obekade esesimeni esibucayi esibhedlela kulandela ukulimala eringini ngeSonto.
Izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiswe yinhlangano eyengamele isibhakela, iBoxing South Africa (BSA), ngokuhlangayela nomndeni wakwaButhelezi ngoLwesithathu ekuseni.
Kuthiwa ushone ngoLwesibili ebusuku. UButhelezi, waseBilanyoni, eDumbe, ubekade ekwi-coma kusukela ephuthunyiswe esibhedlela ngeSonto emuva kokuquleka eringini ebhekene noSiphesihle Mntungwa empini yebhande leWBF All Africa Lightweight eGreyville Convention Centre, eThekwini. Kutholakale ukuthi igazi lophele ebuchosheni.
Esitatimendeni iBSA ithe: "IBoxing South Africa nomndeni wakwaButhelezi babika ngokudabuka eyokudlula emhlabeni kukaSimiso Buthelezi oshone izolo (ngoLwesibili) ebusuku, ngoJuni 7, 2022 esibhedlela esiseThekwini.
“NgoJuni 5, 2022 uButhelezi ubeyingxenye yezimpi zeStarline Boxing Promotions ebeziseGreyville eThekwini. Ngasekupheleni kwempi uButhelezi uqulekile, waphuthunyiswa esibhedlela, kwatholakala ukuthi ulimale ebuchosheni okuholele ekopheni ngaphakathi. Esibhedlela uButhelezi uthole ukunakekelwa okusezingeni eliphezulu kodwa ngebhadi washona. IBoxing South Africa izocubungula ngokuzimele umbiko wokulimala kwakhe. Emuva kwalokho izokuvezela umphakathi ekutholile. Umndeni wakwaButhelezi neBSA bayayemukela imiyalezo yenduduzo evela kuNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko. Umndeni wakwaButhelezi neBoxing South Africa bazomemezela izinhlelo zomngcwabo ngesikhathi esifanele. IBoxing South Africa nomndeni wakwaButhelezi bacela abezindaba nomphakathi ukuthi banikeze umndeni isikhathi sokuzilela umshayisibhakela obekade eyisibonelo eringini nangaphandle."
UButhelezi udlula emhlabeni nje, bekusadlule amasonto ambalwa ethweswe iziqu kwiBSc Botany and Zoology e-University of Zululand.