ZIZOHLOTSHISWA ukuhanjelwa izinkakha zesibhakela e-Afrika, izimpi zeStarline Boxing Promotions, ezizoba ngeSonto, eGreyville Convention Centre, eThekwini.
Lo mqhudelwano okukhulunywa ngawo kuwo wonke amakhona ezamankomane, ubophele izimpi ezinhlanu ezibhekwe ngabomvu.
Empini yosuku, uPrince Dlomo waseMgungundlovu kodwa osezinze eGauteng, uzovikela ibhande lakuleli le-Welterweight kuXolani Mgidi waseMpumalanga. Kwisithangami sabezindaba obekukhona kuso no-Eric Ntsikayezwe Sithole oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiBoxing South Africa (BSA), uZandile Malinga ongumnikazi weStarline, uveze ukuthi izimpi zakhe zizohanjelwa uThulani "Sugarboy" Malinga, Frans "White Buffalo" Botha, Dingaan "The Rose of Soweto" Thobela noMoruti "Babyface" Mthalane.
UMalinga wabayibhokisa lokuqala kuleli ukunqoba ibhande elihlonishwayo emhlabeni, iWBC esisindweni seSuper Middleweight.
Ngo-1990, kwalandela uThobela owanqoba leli bhande eshaya uGlenn Catley wakhona e-UK.
Ezwenikazi i-Afrika, uBotha yedwa oseke walwa nezilomo zomhlaba zosondonzima ezifana noWladimir "Dr Steelhammer" Klitschko wase-Ukraine, Evander "The Real Deal" Holyfield, Mike "Iron" Tyson noLennox "The Lion" Lewis.
UMthalane useke waphatha ibhande le-IBF ngaphezu kwamahlandla amabili.
"Ngingakuqinisekisa ukuthi zonke lezi zilomo esizihloniphayo zizobe zikhona ngeSonto. Akubuzwa ukuthi abalandeli bomdlalo wesibhakela bazokuthokozela ukuzibona," kubeka uZandile.
Ukukalwa kwezisindo zamabhokisa kuzoba ngoMgqibelo, eSocial Gallary, kwinxanxathela yezitolo, ePavilion Centre, khona kwelikaBhanana. Kuqala u-12 emini.
"Inhloso yokuthi siyise ukukalwa kwezisindo kule nxanxathela yezitolo wukuzama ukubuyisela lo mdlalo ebantwini. Kuqala besenza iphutha, ukukalwa kwezisindo sikwenzela emagunjini ehhotela. Sifuna abantu babe yingxenye yalo mdlalo. Ngo-11, sizoqala ngokujikeleza iPavilion, sibukisa ngamabhande azobangwa ngeSonto. Ngiyabacela abantu baphume ngobuningi babo ngeSonto ukuzobuka isibhakela esimnandi," kusho uMalinga.