KULAMULE imvula kubashwibi bamaProteas abebethwele kanzima osukwini lwesibili lwe-test yesithathu eSydney Cricket Ground (SCG), e-Australia.
Kulo mdlalo wokugcina kwemithathu ewuchungechunge, i-Australia ihamba phambili ngo 2-0, kulandela ukuzidlela amahlanga kwemibili yokuqala.
NgoLwesine imvula ilamulele amaProteas abebukeka sengathi alahlekile emelwe yisibhaxu sika-Usman Khawaja noSteve Smith, abebelishaya ibhola kuwona wonke amakhona ale nkundla enomlando.
Usuku lwesibili luphele ezintatha ngoLwesine i-Australia isihlanganise ama-run angu-475, kusaphume abadlali abane.
Lokhu sekuvele kuwumqansa uma kuzoya ngefomu yababhethayo kumaProteas, abashaye udaka ngendlela ephoxayo emidlalweni yokuqala emibili.
Izinqumo ngabashwibi abebekhethwa ukaputeni uDean Elgar, nazo bezikhomba ukuthi kwayena udidekile ngobekufanele akwenze, ukuze kuwe iwikhethi kaKhawaja, oze wanqandwa yimvula esesele ngama-run amahlanu ukuthi ahlanganise awu-200, okuyinto abezobe eqala ukuyenza emlandweni.
Yize uSmith egcine ephumile kulona lolu suku lwesibili, abashwibi bamaProteas okufanele basheshe balukhohlwe kodwa umonakalo ubesevele ewenzile kwazise ushaye ama-run angu-104 elekelelwa nguTravis Head ophume ena-70.
Omunye walaba bashwibi bamaProteas abaphikiswa yifomu kule midlalo ese-Australia, nguKeshav Maharaj, ukhulume nethimba labezindaba lamaProteas ngefomu yakhe ngemuva kokunqanyulwa isikhathi singakafiki kosuku lwesibili, ngenxa yemvula.
Uvumile ukuthi kuze kube yimanje bashaye udaka kuyona yonke imidlalo kodwa indlela uKhawaja noSmith abadlale ngayo ingase ibavukuze ababhethayo bamaProteas, babone ithuba lokubuyisa ifomu.