XOLILE MPISANE
URONALDO Brown wenze ezibukwayo ngesikhathi amaBlitzbokke eguqisa i-United States of America (USA) ngo-42-7 kowamanqamu weDubai Sevens ngoMgqibelo ntambama.
Elakuleli liqede liqhwakele ku-Pool C esigabeni samaqoqo ngemuva ngokunqoba i-Ireland, iJapan neGreat Britain. Ngemuva kwalokho, amaBlitzbokke adlulele phambili adla i-Australia ngo-29-5 kuma-quarterfinal ngaphambi kokuhlula i-Argentina ngo-17-7 kowandulela owamanqamu.
UBrown (26) ushaye ama-try amathathu, wakhahlela nama-conversion amahlanu kowamanqamu njengoba amaBlitzbokke akhombise ngokusobala ukuthi asezingeni elingaphezulu kwele-USA.
Lo mdlali usedlule ebunzimeni njengoba atholakala ene-Hodgkins Lymphoma ngo-2019, okuwuhlobo lomdlavuza oluhlasela izitho ezikhiqiza amasosha omzimba.
Ngemuva kokwelashwa, okuhlanganisa ne-chemotherapy, ukwazile ukubuyela eqenjini lesizwe futhi ubeyingxenye yeqembu elidlale kuma-Olympic e-Tokyo kulo nyaka.
"Kubalulekile ukweqa umugqa kube uwena oshaya ama-try kodwa lonke udumo luya kuMdali nozakwethu,” kusho uBrown.
"Sisebenze kanzima salivimba iqembu lase-USA ukuthi lingasihlaseli kalula kwaze kwaba sekugcineni. Iqembu lonke lisebenze kanzima. Esikucelayo kumdlali ngamunye ukuthi azinikele kuyo yonke imidlalo futhi sikubonile kwenzeka lokho.
“Kubalulekile kimina ukushaya ama-try futhi okwenzekile kuvele kwangikhumbuza ukuthi kufanele ngibonge ngoba sengiyakwazi ukudlala futhi ngemuva kweminyaka emibili ngingekho.”
AmaBlitzbokke eze kulo mqhudelwano ngaphandle kwabadlali abaningi abajwayele ukudlala ngenxa yokulimala. Abuye abhekana nenye inselelo ngesikhathi uRyan Oosthuizen noMuller du Plessis belimala eDubai.
Ukaputeni, uSiviwe Soyizwapi, uthe uyaziqhenya ngendlela abadlali abanamava nabasanda kufika eqenjini abasebenzisane ngayo kwaze kwaba sekugcineni.
“Ngiyaziqhenya ngabafana nokuzinikela kwabo,” kusho uSoyizwapi. “Kuthathe isikhathi ukuthi singene egiyeni eliphezulu, emuva naphambili.
"Ngosuku lokuqala sikhombisile ukuthi kuningi esizokwenza uma sesihlangene njengeqembu. Ngijabule kakhulu ngokuthi unyawo silukhiphe ngesikhathi esifanele, sesidlala kowamanqamu.
“Sibusiswe ngabadlali abasezingeni eliphezulu futhi iqembu lethu lihleleke kahle. Noma kunjalo, kukhona lapho okumele sithuthuke khona. Sidlale kahle kodwa akusijabulisanga ukungenisa i-try kowamanqamu sikade siwuphethe umdlalo.
“Ngakho-ke, sizobuya ngempelasonto ezayo nethemba lokuthi sizoqhubeka nomgqigqo emqhudelwaneni olandelayo.”
Umqhudelwano olandelayo kwiWorld Sevens Series nawo uzodlalelwa eDubai, kusukela ngoLwesihlanu kuze kube nguMgqibelo. Abalandeli bazovunyelwa ukuba senkundleni kulokhu.