KUGIYE isifunda iTheku ezimpini zesibhakela zesigaba sama-amesha, iProvincial Elite Championship, obekuhlungwa kuzona iqembu elizomela iKwaZulu-Natal (KZN) kokazwelonke ngoJulayi.
Kulezi zimpi ebeziKwaMashu Indoor Sports Centre ngoMgqibelo, kade kuqhuthana izifunda ezakhele iKZN. ITheku lidle umhlanganiso, lalandelwa wuMkhanyakude. IZululand iqede endaweni yesithathu. Iqembu lama-Elite lizomela iKZN lihambisana nelamaYouth elizoqokwa emasontweni azayo. Ngaphambi lokuyodlala kokazwelonke, iqembu laseKZN lizoyongcweka nelaseGauteng.
USandile Sibisi, ongumengameli weKZN Olympic Style Boxing Organisation, uthe uyalethemba iqembu elizomela lesi sifundazwe. Kokazwelonke nyakenye, iKZN iqede endaweni yesibili kuma-Elite ngemuva kwe-Eastern Cape kodwa yadla umhlanganiso kumaYouth.
"Esikuthole nyakenye kuyinkomba yokuthi senza kahle kakhulu. Uma kungawinanga thina, kuba yi-Eastern Cape kodwa sifuna ukugcina sikuthatha konke. Kuyinto enkulu lokhu ngoba esikhathini esidlule besingatholi lutho. Uma ngibuka iqembu esinalo, liqinile. Sihlala sinethuba kakhulu emantombazaneni ngoba sinawo maningi ngisho ezisindweni ezinkulu. Nakubafana bakhona engibabonile ukuthi izinga labo liphezulu kakhulu. Kulokhu siphinde sakuqaphela ukuthi ngisho Ilembe, okuyisifunda ebesihlala sisalela ngemuva, lifike nabashayisibhakela abasezingeni eliphezulu ukuhlanganisa noMkhanyakude neTheku," kusho uSibisi.
Ngaphandle kwezifunda ezigcine zibuye nezindondo, cishe zonke zikhombise izinga eliphezulu lesibhakela. Lokhu kukhombisa ukukhula kwesibhakela eKZN, ikakhulukazi kwabesifazane.
Isibhakela sama-amesha eKZN sibe sematheni kakhulu nyakenye ngesikhathi uPhiwokuhle Mnguni ebuya nendondo yethusi kuma-Commonwealth Game, e-England.
Kwabathole imiklomelo ngabodwana ngoMgqibelo:
Best Boxer (Male): Siphesihle Nkomo (eThekwini).
Best Bout (Male): Siphesihle Nkomo noLulama Gasa wasoThukela
Best Bout (Female): Kholeka Gumede (uMkhanyakude) noSamkelo Mbambo (uMkhanyakude)
Best Boxer (Female): Ntandoyenkosi Ncube (uMkhanyakude)