XOLILE MPISANE
ISALE ekhaya indebe iNingizimu Afrika inqoba i-Uganda ngo-59-34 kowamanqamu kwi-Males International Netball Tournament ebibanjelwe eHeartfelt Arena, eTshwane.
Elakuleli liyinqobe yonke imidlalo yamaqoqo eyisishiyagalombili, laqeda esicongweni. Libe seliqhathwa ne-Uganda elale endaweni yesibili.
Amanye amaqembu abeyingxenye yalo mqhudelwano yiKenya, namaqembu amabili akuleli i-Actions Sports Radlers, neqembu ebelimele uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.
Amaqembu esizwe aseZimbabwe, eSwatini nasePakistan kwakuhlelwe ukuthi abe yingxenye yalo mqhudelwano kodwa abuye ahoxa.
"Singene namasu amahle kulo mdlalo. Sidlale umdlalo wethu sasebenzisa amaphasi asheshayo, zavela izikhala enkundleni futhi saqhakambisa isitayela sethu esijabulisa abalandeli," kusho umqeqeshi weqembu leNingizimu Afrika, u-Arthur Maseko.
"Ngiyabajabulela abafana bami ngoba konke kwenziwe yibona enkundleni. Sisazama ukulihlanganisa iqembu, kuningi okukhulu okuzayo. Ngikholwa ukuthi okuningi ebesikuhlelele lo mqhudelwano sikwenzile kodwa kukhona la okusamele sibhukule kukhona.
"Lo mqhudelwano besiwudlalela uJabulani Mthembu, owayeyingxenye yeqembu lethu eladlala kwiTelkom Netball league ngo-2019, odlule ngokuzuma emhlabeni ngesonto eledlule. Besihlose ukumhlonipha ngokunqoba lo mqhudelwano, sakwenza lokho," kusho yena.
UMaseko uthe bazimisele nokuqhubeka balakhe leli qembu njengoba belindele ukuyomela elakuleli kwi-Africa Cup of Nations ngonyaka ozayo.
IRadlers izuze izindondo zethusi ngokuhlula iKenya ngo-43-42. Umdlali ovelele kube ngoweNingizimu Afrika, u-Eugune Nxesi.
Abanye abadlali bakuleli abadle umhlanganiso nguShane Labuschagne othole indondo yeBest Shooter, noShiko Mokaila oqokwe njengovelele kwabadlala phakathi. UGonzaga Kigozi wase-Uganda mguyena obashaye emakhanda kwabadlala emuva.