IQEMBU lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo lizobhekisa amabombo e-Australia nase-Argentina ngaphandle kwesidlakela esiyibamba phambili, uBongi Mbonambi.
AmaBhokobhoko azobe eyoqhubeka nemidlalo yeRugby Championship phesheya.
Lo mdlali weCell C Sharks ulimale edolweni eziqeqesha ngesonto eledlule kanti kulindeleke ukuthi ahlale inyanga yonke engadlali.
UMalcolm Marx noJoseph Dweba bazobanga ijezi endaweni ye-hooker, balekelelwe umdlali we-DHL Stormers, u-Deon Fourie.
Khonamanjalo, uCanan Moodie ufakiwe eqenjini kulandela ukumiswa komdlali wasemuva uKurt-Lee Arendse, uzobe ebheke ukudlala okokuqala eqenjini lesizwe.
“UBongi uzohlala amasonto amane engadlali kodwa uDeon ungumdlali onamava futhi usenesikhathi ezilolonga neqembu. Nginesiqiniseko sokuthi uzokwazi ukusivala lesi sikhala,” kusho umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber.
“Silangazelela nokubona ukuthi uCanan uzongena kanjani ezinhlelweni zethu emasontweni ambalwa ezayo. Simbona ekufanele ukuvala isikhala sikaKurt-Lee noCheslin (Kolbe) olimele.
“Leli yiqembu elinabadlali abanamava nabasebancane ababheke ukuzibonakalisa. Sikholwa ukuthi linakho esikudingayo ukuze sibuyele endleleni efanele kwiRugby Championship.”
AmaBhokobhoko azobe ehlose ukuvuka ngemuva kokuguqiswa yiNew Zealand ngo 35-23 ngoMgqibelo. I-Australia nayo izongena inenkebenkebe yenxeba njengoba ibhaxatshulwe yi-Argentina ngo 48-17.
Ngenuva kokugadulisana neWallabies kabili, ezikaNienaber zizodlulela e-Argentina lapho zizodudulana nePumas kanye, bese zibuyela ekhaya zizosonga lo mqhudelwano neqembu elifanayo.
Isikwati samBhokobhoko esiya e-Australia nase-Argentina:
Abaphambili: Steven Kitshoff, Vincent Koch, Frans Malherbe, Ox Nche, Trevor Nyakane, Joseph Dweba, Malcolm Marx, Eben Etzebeth, Lood de Jager, Salmaan Moerat, Pieter-Steph du Toit, Siya Kolisi, Elrigh Louw, Kwagga Smith, Jasper Wiese, Duane Vermeulen, Deon Fourie, Franco Mostert.
Abasemuva: Faf de Klerk, Jaden Hendrikse, Herschel Jantjies, Cobus Reinach, Elton Jantjies, Handre Pollard , Lukhanyo Am, Damian de Allende, Andre Esterhuizen, Makazole Mapimpi, Willie le Roux, Canan Moodie, Warrick Gelant, Damian Willemse, Jesse Kriel, Frans Steyn.