UZOHLALA engadlali okungenani amasonto amabili umshwibi weqembu lesizwe lekhilikithi uSisanda Magala. Lokhu kungemuva kokulimala esandleni ngoLwesithathu ngesikhathi edlalela iqembu lakhe iChennai Super Kings (CSK), kwi-Indian Premier League.
UMagala ujoyine iCSK ngenyanga edlule ezovala isikhala somshwibi uKyle Jamieson, waseNew Zealand. Uphoqelekile uKyle ukuthi ahoxe emqhudelwaneni ngenxa yokulimala.
Lo mshwibi wamaProteas ulimale enqaka ibhola. Ngeke abonakale uma ezakhe sezibhekene neRoyal Challengers Bangalore, Sunrisers Hyderabad neKolkata Knightriders.
“Silahlekelwe ngomunye umdlali, lokho sekwenzeke imidlalo emibili ilandelana. Singathanda ukuthi kume ngoba vele sinenkinga yokushoda kwabadlali,” kusho umqeqeshi weCSK, uStephen Fleming.
"Ngeshwa uMagala udabuke isandla, yingakho engakwazanga ukubuya azoqedela ukushwiba ama-over akhe. Kwenzeka into ecishe ifane ku-Deepak Chahar emdlalweni wokugcina, ngakho-ke sisebenza ngesikwati esincane."
UMagala usanda kulimala ngendlela efanayo ngenyanga edlule nokwaholela ekutheni angadlali ochungechungeni lwemidlalo yosuku olulodwa amaProteas ebhekene neWest Indies.
Ngaphandle kukaMagala no-Chahar, iCSK inabanye abadlali abalimele okunguBen Stokes noSimarjeet Singh. Ukaputeni uMahendra Singh Dhoni uyadlala kodwa akekho ezingeni eligculisayo.
"UDhoni uthinteke edolweni futhi kusobala ukuthi uyaxhuga kancane. Noma kunjalo usengumdlali obalulekile kithina," kuqhuba uFleming.
"Ngicabanga ukuthi abadlali abaningi abadlale imidlalo emqoka emazweni abo bakhahlazekile kancane kodwa sisaqhubeka nokuthola izixazululo. Sizokwenza lokho ezinsukwini ezizayo kodwa akusona isimo esithanda ukuba kusona.
“Kunabadlali abancane okudingeke ukuthi bashwibe kuma-over amqoka. Akuyona into ebesihlele ukuyenza kodwa izinto azivamile ukuhamba ngokwezinhlelo emidlalweni yeT20.”
I-CSK isendaweni yesine kwi-log ye-IPL ngamaphuzu amane emidlalweni emine.