IGQEMEKE engeqiwa ntwala indima yesibhakela esifundazweni iKwaZulu-Natal kudlula emhlabeni umshayisibhakela uNkosinathi "Lindo" Biyela wasoLundi.
UBiyela, obengomunye wabashayisibhakela abanekhono eKZN, ugwazwe eGoli ngoMgqibelo ebusuku esaqede amasonto ambalwa efikile khona.
Ngokusho kukadadewabo kaNkosinathi omdala, uNokuthula Biyela, lo mshayisibhakela ushonele esibhedlela emuva kokuthi umfowabo omdala emphuthumise khona esegwaziwe ebusuku ekade esemgwaqweni.
"Okwamanje nathi asikazi ukuthi bekubangwani. Sifonelwe ngumfowethu ebusuku seligamenxe ihora lokuqala esazisa ukuthi uLindo usegwaziwe. Baphinde basifonela sekufike nabanye abafowethu esibhedlela ngehora lesithathu besazisa ukuthi useshonile," kusho uNokuthula.
UBiyela ubaziwa eringini ngekhono lakhe lokuvika izibhakela, engafuni ukuhlalwa yisibhakela ebusweni bakhe kusukela esigabeni sama-amesha. Ungene esibhakeleni esikhokhelayo ngo-2014, wawina izimpi eziyithupha zilandelana. Udlule emhlabeni ewine izimpi eziyithupha, wahlulwa kwezimbili.
UBiyela ugcine ukungena eringini ngoMashi ekhala ngaphansi ngomcacamezelo womlalisa phansi ku-Anele Bikitsha waseGauteng empini eyayiseChatsworth.
Kuvele ukuthi udlula emhlabeni nje, ubekade esezama ukuthola umsebenzi eGoli.
"Ngicabanga ukuthi bekungakapheli nenyanga efikile eGoli. Uhambe lapha eyofundela ukuba ngunogada. Umzala wethu ubekade emthembisile ukuthi uzomzamela umsebenzi lapho esebenza khona. Ubekade eseqedile ukufunda, esesitholile isitifiketi. Ubeseqedela ezinye izicucu ebezidingeka," kusho uNokuthula.
UMichael Dube weBoxing South Africa ( BSA) oyimenenja yesibhakela eKZN, uthe silahlekelwe kakhulu isifundazwe.
"Ibuhlungu kakhulu indaba yokudlula emhlabeni kukaBiyela ngoba ubengomunye wabafana ebesicabanga ukuthi uzogcina engumpetha. Silahlekelwe kabili ngoba kuphazamiseka isifiso sethu sokuthi kuzona zonke izifunda kube khona umshayisibhakela osezilinganisweni zeBSA ukuze kugqugquzelekae intsha yendawo. Sikhalisana nomndeni wakhe nabo bonke abasondelene naye. Silahlekelwe sonke, "kusho uDube.