ISIKHULU esiphezulu emnyangweni wezokuthuthukiswa kwe-chess, ngaphansi kwenhlangano engenzi nzuzo, iAfrican Chess Kingdom, sinxusa abazali ukuba bagqugquzele izingane ukujoyina lo mdlalo ngoba uzifundisa ukuthatha izinqumo eziphusile.
USifiso Xulu, oyiphoyisa obuye asebenze kule nhlangano, utshele Isolezwe ukuthi kabawuvali umlomo othisha ezikoleni ngezinga eliphezulu lokuziphatha kahle kwezingane ezidlala i-chess.
Uthe kakulona iqiniso ukuthi lo mdlalo ngowezingcithabuchopho, empeleni uyisicijamqondo.
"Ingane edlala i-chess ifunda ukuzimela, igxila ezintweni eziyithuthukisayo, ukubekezela nokuziphatha kahle. Uma sihambele izikole othisha bahlale bencoma izingane ezidlala lo mdlalo, bathi kazilona uvanzi. Siyabacela abazali ukuthi bazigqugquzele ukuthi ziwujoyine," kubeka uXulu.
Lesi sikhulu, esiphinde sibe iMarketing and Development Officer of SAPS Chess Association, siveze ukuthi basungule uhlelo olubizwa ngeChess in School.
Bafundisa lo mdlalo ezikoleni zamabanga aphansi.
"Inhloso yethu ukuthi ngelinye ilanga i-chess ibe ngesinye sezifundo ezikoleni zamabanga aphansi. Emazweni afana neRussia nase-Armenia, i-chess seyaba isifundo. ICovid-19 isiphazamise kakhulu kulolu hlelo lokuyisa lo mdlalo ezikoleni. Bese sinyuke ngendlela emangalisayo isibalo sezingane ebese ziwudlala. Besizifundisa ngoLwezithathu. Esikoleni ngasinye besifundisa eziwu-30. Sesithandazela ukuthi lo mkhuhlane udlule, sibuyele ezikoleni.“
Lapha eThekwini izikole zamabanga aphansi abafundisa kuzo lo mdlalo iHlengimpilo, Sophunga naseMatabetula. Lezi zikole ngezaseNanda.
Kukhona neziyishumi zaseMpangeni. Kukhona nezaseMlaza, iMzwilili neFunulwazi.
Mayelana nezingqinamba ababhekene nazo, uthe ukungabi nabaxhasi. Lokhu kwenza bangabi nazo izinsiza kudlala ezanele.
"Siyacela kosomabhizinisi bakithi nakuhulumeni ukuthi bafake isandla. Imali asinayo, lokhu kwenza kuhambe kancane ukufaka lo mdlalo emphakathini wakithi ompisholo. Isifiso sethu ukubona lo mdlalo ubeka isinkwa etafuleni njengoba kwenzeka emazweni aphesheya,“ kusho uXulu.
Uthe iKZN Chess Association imatasa nokugqugquzelwa kokusungulwa kwamaqembu emawadini.
Uthe basingatha imiqhudelwano eqala kuwo, inyukele ezifundeni ize ifinyelele ezingeni lesifundazwe. Abenza kahle kuleli zinga bafakwa eqenjini eliqhudelana kuzwelonke.
"Siphezu kwezinhlelo zokucija abaqeqeshi be-chess emiphakathini. Kasithandi ukuthi kube othisha abafundisa izingane lo mdlalo, banomsebenzi wabo. Sifuna ukube ngabantu esibaqeqeshile. Lokhu kuzophinde kuvule namathuba omsebenzi.“