XOLILE MPISANE
UKUSHISA kukaKagiso Rabada nabanye abashwibi kusize iqembu lekhilikithi lakuleli ukuthi linqobe iBangladesh ngamawikhethi ayisithupha emidlalweni yweNdebe yoMhlaba ye-T20 e-Sheikh Zayed Stadium e-Abu Dhabi ngoLwesibili ntambama.
Bekungomunye umdlalo amaProteas obekudingeka awunqobe ukuze azibeke ethubeni lokudlulela kowandulela owamanqamu ngemuva kokuhlulwa owodwa nokuwina emibili abese beyidlalile kulo mqhudelwano.
Ukaputeni wamaProteas uTemba Bavuma uwine ithosi wanquma ukuthi ezakhe zishwibe kuqala. Elakuleli belihlome ngeqembu elifanayo naleli eliguqise iSri Lanka ngoMgqibelo.
IBangladesh yenze izinguquko ezimbili, uShamim Hossain noNasum Ahmed bengene ezikhaleni zikaMustafizur Rahman noShakib Al Hasan, olimele.
Abashwibi bamaProteas benze ezibukwayo bekhipha i-Bangladesh kuma-over angu-18.3 isashaye ama-run angu-84 kuphela.
URabada no-Anrich Nortje bathole amawikhethi amathathu umuntu ngamunye, uTabraiz Shamsi wathola amabili kwathi uDwaine Pretorius wathola eyodwa.
Iqembu laseNingizimu Afrika liqale ukujaha lesi sibalo ngesivinini esiphansi njengoba uReeza Hendricks ekhishwe esashaye ama-run amane kuphela. Lokho kuphoqe ukuthi uQuinton de Kock noRassie van der Dussen badlale ngokucophelela ukuze izinto zibuyele emgqeni.
UBavuma uphinde wakhombisa ukuba ngumholi oqotho njengoba edlale waze waphela umdlalo wagcina eshaye ama-run angu-31 emabholeni angu-28.
Ama-runs okugcina ashaywe nguDavid Miller, amaProteas afinyelela kwangu-86 ngemuva kwama-over angu-13.3 eselahlekelwe ngamawikhethi amane.
“Inkundla ibivuna thina esishwiba ngesivinini futhi ngiyajabula ukuthi namuhla bekuwusuku lwami,” kusho uRabada, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
"Njalo uma sizilolonga siyazama ukubheka ukuthi yikuphi esingakwenza okungasisebenzela ezinkundleni ezehlukene. Sisebenza kanzima futhi ngiyajabula ukuthi namuhla kukhona esikuzuzile ngenxa yalokho.
"Bekujabulisa ukubona ibhola lishintsha umzila, ikakhulukazi kulo mdlalo we-T20. Sike sakubona kwenzeka kancane ngesikhathi sidlala kwi-Indian Premier League ngakho ke akusimangazanga kakhulu."
AmaProteas asalele endaweni yesibili kuGroup 1 ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emine.
I-England isaqhwakele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kanti i-Australia, esadlale imidlalo emithathu, isendaweni yesithathu ngamaphuzu amane.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu kuleli qoqo azodlulela kowandulela owamanqamu.
Iqembu lakuleli lizodlala umdlalo wokugcina wamaqoqo ne-England eSharjah ngoMgqibelo.