UMPETHA omusha weKZN Lightweight, uSandile "Spikili" Dumisa, uwine wafuna esitikini imbangi emshiye ekhihla esikaNandi emasontweni adlule.
UDumisa waseNseleni, wehlule ngamaphuzu uSipho Mahlangu empini yosuku kwebezihlelwe yiTap Tap Boxing Academy Eshowe ngempelasonto edlule.
Lezi zimpi bekuhloswe ngazo ukuhlonipha ingqwele endala yendawo u-Elijah "Tap Tap" Makhathini. Usuku obelubhekwe ngabomvu ngabaningi, lugcine lushiya abanye bedangele ngenxa yokungahleleki kwezinto.
Izimpi bekuhlelwe ukuthi ziqale ngo-2 ntambama ngoMgqibelo kodwa zigcine ziqala sekushaye u-10 ebusuku ngenxa yenkinga edalwe yiringi eyakhiwe ehholo eMaqhwakazi elinophahla olungaphakeme ngokwanele. Kubonakale sekuyoqalwa izimpi ukuthi abashayisibhakela abade bangase bashayise phezulu uma beseringini.
Lokhu kuphoqe ukuthi kuthuthelwe ehholo eNkume, kwahlehliswa isikhathi sokuqala izimpi sabekwa ku-5 ntambama. Kuphinde kwaba nenkinga futhi sekuthungathwa odokotela kulandela ukuhoxa kwalabo abebezosebenza emini.
Le nkinga ihambisane neyokushoda kwamagilavu obekuphoqa ukuthi kumiwe emuva kwezinye izimpi. UDumisa ugcine engene eringini noMahlangu ngehora lokuqala ezintatha ngeSonto.
Nokho umphakathi ubulokhu uhlezi, ungalilahlile ithemba lokubuka isibhakela esuqhwiza umentshisi. Awuphoxekanga ngenxa yezinga eliphezulu lesibhakela elikhonjiswe ngabashayisibhakela abahlukene phezu kokulindiswa amahora.
UDumisa uwina ibhande leKZN nje, emasontweni adlule ukhale ngaphansi kuKhanyisani Mbokazi bebanga eleKZN Junior lightweight eMnambithi, wakhala ngokuthi ubanjwe inkunzi ngamajaji.
"Ngilwe nembangi esezingeni eliphezulu uSipho Mahlangu. Lena bekuyimpi eyimpinda kodwa ngisithokozele isikhathi engisichithe naye eringini futhi ngifuna ukumnika enye impi kodwa okuphambili kimina ngifuna ibhande lami kuKhanyisani Mbokazi.
“Ngeke esalithola elinye ithuba emuva kwalokho. Selipholile iso akade elimele kulona, ngizomnika isikhathi sokululama ngokugcwele. Ngenyanga ezayo akasayine inkontileka. Ngimi ngomumo. Ngifuna ibhande lami ngoba ngabanjwa inkunzi. Amajaji awayehlulelanga kahle impi, ngakho ngifuna impinda. Empeleni ngifuna ibhande lami," kusho uDumisa.
UMbokazi uvele wayihleka indaba kaDumisa, wathi lo mshayisibhakela ubenzela ukujabulisa abalandeli ngakho konke akushilo.
Bekuyimpi yokuqala kaDumisa engaphansi komqeqeshi uSanele "Bhunu" Mthalane waseLindelani. Ushiye uLethukuthula Sibisi osanda kuhlamukwa nangumpetha waseMzansi wesifazane uThema Zuma.
UDumisa, ozibona elwela ibhande laseMzansi maduzane, uthe uMthalane umthathe ephansi ngokwezinga lesibhakela wamenyusela phezulu.
Kwezinye izimpi, uSeluleko Zulu ukhale ngaphansi ngamaphuzu kuBernice Ferreira, kwathi uNkosinathi Sibiya wazidlela amahlanga kuSizwe Biyela. UNtando Mdletshe wehlule uPeter De Klerk empini eqedwe ngunompempe ngenxa yokwephula imithetho kwembangi.
UDe Klerk ubambe uMdletshe, wamdacaza phansi, okuyinto ejwayeleke kwi-wrestling.
USihle Shange uqede ngoSiyanda Gumede ngomzuliswano wokuqala, kwathi uLindelani Sibisi wenza okufanayo kuZwelakhe Nhlapho ngomzuliswano wesihlanu.
UMxolisi Zuma uvuke phansi ngomzuliswano wokuqala wagingqa ngomzuliswano wesibili uSkhumbuzo Ximba. UNkosingiphile Sibisi uyiqede ngomzuliswano wesithathu impi yakhe noTawiwe Chisolola waseMalawi.
Uphromotha wezimpi, uCebiso Xulu, uxolisile ngezinkinga ezibekhona.
“Ngiyaxolisa ngokwenzekile kufundwa ngazo lezi zimo ezinje esibhakeleni,” kusho uXulu.