SIHLABEKE umxhwele isolomo sekhilikithi sakuleli, uKagiso Rabada, ngokufeza elinye lamaphupho aso okubona igama laso liqoshwe eLord’s Cricket Ground.
Lo mdlali owaziwa ngokushwiba ngesivinini uthathe amawikhethi amahlanu kwi-innings yokuqala yeTest yokuqala phakathi kwamaProteas ne-England, ephothulwe ngosuku lwesithathu ngoLwesihlanu.
Iqembu lakuleli linqobe umdlalo nge-innings nama-run angu-12 futhi selihamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge njengoba kusele imidlalo emibili.
ILord’s ngenye yezinkundla zekhilikithi ezihlonishwayo emhlabeni. Inesiko lokuqopha ebhodiniamagama abashwibi abathatha amawikhethi amahlanu nangaphezulu, kanye nababhethayo abathola ama-run angu-100 noma ngaphezulu.
URabada ukhiphe u-Alex Lees, Zak Crawley, Ollie Pope, Stuart Broad no-James Anderson ukuze abalwe nabadlali bakuleli asebeke bahlonishwa kule nkundla ngaphambilini.
Lolu hlu luhlanganisa abashwibi okubalwa uMakhaya Ntini, Allan Donald, noVernon Philander. Ababhethayo abakuleli abasohlwini uHashim Amla, Ashwell Prince, Graeme Smith, Gary Kirsten, Jonty Rhodes noKepler Wessels.
"Bekuhlale kuyiphupho lami ukuba sebhodini. Uma ungekho akusho ukuthi awuyena umshwibi osezingeni eliphezulu, kodwa kuyinto ekhethekile ukufakwa kulona," kusho uRabada.
"Noma nini uma kuzodlalwa eLord's wonke umdlali usuke efuna ukubona igama lakhe liba yingxenye yomlando walo mdlalo. Ngijabula kakhulu ngokuthi ngikufezile lokhu."
URabada (27) kudingeke ukuthi ahlolisiswe ngaphambi komdlalo ukuze afakwe eqenjini lamaProteas njengoba esanda kululama ngemuva ngokulimala eqakaleni.
Uthe kumjabulisile ukuthi ukwazile ukulwela iqembu futhi uzoqhubeka nokwabelana ngolwazi nabadlali abeza ngemuva kwakhe.
"Angazi noma abashwibi bayawathola yini amathuba amaningi okungena emdlalweni beyimiqemane ngokuphelele. Siyazi nje ukuthi kwenzeka kanjani. Okungijabulisayo ukuthi ngikwazile ukudlala lo mdlalo," uqhube kanje.
"Ukuba ngumholi kuyazenzakalela uma uthola ulwazi oluthe xaxa ngoba abadlali abasha bafika njalo eqenjini. Ugcina usuyidlala leyo ndima yobuholi, ngakho-ke yinto engiyamukele.
"Ekugcineni kumayelana nokwenza umsebenzi wakho bese ulekelela lapho ungakwazi khona. Indlela ibuzwa kwabaphambili, kwenzeka okufanayo ngesikhathi ngifika eqenjini futhi manje sengiyakwazi ukudlulisa ulwazi esenginalo."
Ukaputeni wamaProteas, u-Dean Elgar, uncome u-Rabada, othathe amawikhethi amabili kwi-innings yesibili, kanye neqembu lonke ngokuthola umphumela omuhle emdlalweni wokuqala.
Nokho, ukholwa wukuthi ngeke bakwazi ukuzithela ngabandayo ngaphambi kowesibili ozoqala ngoLwesine e-Old Trafford Cricket Ground njengoba ziningi izinto okusamele bazilungise.
"U-KG (Rabada) ungumshini ophelele futhi uyakwazi ukuzibonakalisa emidlalweni emikhulu. Uphakamise isandla wazibambela mathupha kulo mdlalo," kusho u-Elgar.
"Siyazi ukuthi kusamele sithuthuke ezindaweni eziningi njengeqembu. Asilona neze iqembu eliphelele. Ngidinga ukuthi babe ngcono futhi bafune ukuzuza okuningi.“
Umdlalo wesithathu uzodlalelwa e-The Oval, eLondon, ngoSepthemba 8 kuya kumhla ka-12 Septhemba.