LIGCINE lifazekile iphupho likaNtsindiso Mphakathi enqoba iPrince Mangosuthu Ultra 52km Marathon, ngeSonto, eDundee.
Le nsizwa egijimela Entsika AC, ishaye intambo ngesikhathi esiwu-3.00.45.
Wumjaho owenzeka phakathi kweNquthu neDundee, kuhloswe ngawo ukuhlonipha uMntwana Mangosuthu Buthelezi waKwaPhindangene.
Nyakenye uNkosikhona Mhlakwana nguyena owanqoba umjaho. Kwabesifazane kwanqoba uLoveness Madziva waseZimbabwe.
Endaweni yesibili kungene uNtokozo Sikhakhane (03.02.00), isithathu sathathwa nguSanele Sibisi (03.02.32).
Kwabesifazane intambo ishaywe nguNontokozo Mkhize (03.39.01), isibili kwaba ngu-Enie Manzini (03.58.09) isithathu siphunywe nguLisa Collett (03:58.11).
"Emzileni ku-42-km ngibonile ukuthi kunzima. Sekusele u-3000m ngibonile ukuthi angiziqoqe ngibheke phambili. Ngaleso sikhathi umqeqeshi ungitshele ukuthi mangiqhubeke. Ngibonile ukuthi nginalo ithuba lokunqoba," kubeka uMphakathi.
Uveze ukuthi abasubathi abebesaba ngabeXcel Running Club. Uqhube wathi ukugxila kubona yikho okumsize empumelelweni yakhe.
"Ngaphambi komjaho, umqeqeshi usitshele amagama abasubathi abangaba yinkinga. Emzileni sibe sesigxila kubona.
“Kulokhu ngiyabonga ukuthi ngiwinile. Amalungiselo ahambe kahle, umjaho ngiwunqobile. Nanyakenye kwakumele ngiwunqobe kodwa kwangahamba ngendlela esasihlose ngayo,” kusho uMphakathi owaphuma endaweni yesibili ngonyaka odlule.
UMphathi uncome abahleli bomjalo, isifunda, uMzinyathi, Ndumeni, Nquthu, ne-Orange Grove.
UNtokozo ubonge wanconcoza emndenini wakhe.
"Ngithanda ukubonga abantu baseGqumeni, eBulwer. La babantu bangenzelile iqiniso. Ngithanda ukubonga nabazali bami," kubeka uNtokozo.