AMAPROTEAS abuyise, uKagiso Rabada, esikwatini sawo semidlalo ewuchungechunge lwama-One Day International (ODI) neNetherlands ngenhloso yokunombela kwi-log ye-ICC Cricket World Cup Super League.
Leli qembu elisonge eyama-T20 izolo ne-West Indies, lizokwamukela iNetherlands ethathwa njengelinye lamazwe anomlando ongatheni kulo mdlalo.
Umdlalo wokuqala ungoLwesihlanu, eWillowmoore Park, eseBenoni.
Okwenza lo mdlalo ubemqoka ukuthi uyingxenye yeyeSuper League lapho amaProteas ehleli khona endaweni engawaniki igunya lokuqonda ngqo koweNdebe yoMhlaba ose-India ngasekupheleni konyaka.
Amazwe okuqala ayisishiyagalombili kwi-log uma sekuqedwe eyeSuper League azoya ngqo koweNdebe yoMhlaba bese kuthi amahlanu azosala lapho aqhathwe kweyokuhlunga.
Kuzobethusa abaningi ukuthi kungani amaProteas ebuyisa uRabada obephunyuziwe kweyeWest Indies, ngoba iNetherlands ayinamlando kodwa ukuhlala endaweni yeshumi kwi-log ikhona okuyinkinga.
Kuyethembisa nokho ukuthi amaProteas ahleli kule ndawo nje, asadlale engu-19 uma uqhathanisa neWest Indies esendaweni yesishiyagalombili kodwa isidlale kwengu-24.
Amazwe asezibekele indawo eNdebeni yoMhlaba, iNew Zealand, England, India, Bangladesh, Pakistan, Australia ne-Afghanistan.
Ukubuyisa uRabada kungenye yezindlela amaProteas azama ngazo ukuvula indlela yokuthi azifake kula mazwe ayisikhombisa ngokunenebula iNetherlands kule midlalo emibili ezayo.
Sesisonke isikwati esizobhekana neNetherlands:
Temba Bavuma (ukaputeni, DP World Lions), Quinton de Kock (Momentum Multiply Titans), Bjorn Fortuin (DP World Lions), Reeza Hendricks (DP World Lions), Marco Jansen (Dafabet Warriors), Heinrich Klaasen (Momentum Multiply Titans), Sisanda Magala (DP World Lions), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Lungi Ngidi (Momentum Multiply Titans), Anrich Nortje (Dafabet Warriors), Wayne Parnell (Six Gun Grill Western Province), Kagiso Rabada (DP World Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans) noRassie van der Dussen (DP World Lions).