I-NETBALL South Africa (NSA) isikuqinisekisile ukuthi uNorma Plummer usethathe izintambo zokuba ngumqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane, evala isikhala sikaDorette Badenhorst.
Ngesonto eledlule, kuvele imibiko yokuthi uBadenhorst ucelwe ukuthi ashiye isikhundla sakhe nokuholele ekutheni iNSA ikhiphe isitatimende icela isikhathi ngaphambi kokuphawula ngalolu daba.
NgoMgqibelo, ligcine libhobokile ithumba ngesikhathi iNSA idalula ukuthi lo mqeqeshi ongumakadebona wase-Australia, usekhuze ibuya ukuzohola iqembu lesizwe ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezobanjelwa eKapa, ngoJulayi, wonyaka ozayo.
UPlummer (77) waqokwa okokuqala njengomqeqeshi wamaProteas ngo-2015, ngaphambi kweNdebe yoMhlaba eyayiseSydney, e-Australia, lapho leli qembu lalala khona isihlanu.
Wayesaziphethe izintambo ngesikhathi seNdebe yoMhlaba yango-2019, eLiverpool, e-England, lapho amaProteas afinyelela khona kowandulela owamanqamu agcina eqede endaweni yesine.
Wasishiya lesi sikhundla ngemuva kwalo mqhudelwano, kwaqasha owayengomunye wamaphini akhe, uBadenhorst, lo osesusiwe esihlalweni.
Yize bekubikwe ukuthi nephini likaBadenhorst, uDumisani Chauke, nalo lizosishiya isikhundla, iNSA ikuqinisekisile ukuthi uzoqhubeka nokusebenza ngaphansi kukaPlummer.
Abanye abazobambisana nalo mqeqeshi uNicole Cusack, odabuka e-Australia, futhi osesebenze iminyaka noPlummer, uFikile Phasha, Yolandi Willemse (udokotela) no-Innis Erasmus.
UNisha Rupnarain uzoqhubeka nendima yakhe njengomphathi weqembu.
“Isinqumo sokwenza lezi zinguquko bekungelula ukusithatha uma sibheka ukuthi sesisondele kangakanani kwiNdebe yoMhlaba ye-netball kodwa bezidingeka,” kusho umengameli we-NSA uCecilia Molokwane esitatimendeni.
"Bekungelula neze kodwa ngenxa yentshisekelo esinayo ngeqembu kanye nezwe, sibone kufanele ukuthi sisithathe manje singaze sihambe kakhulu isikhathi."
Lesi sinqumo sithathwa nje, amaProteas abe nemiphumela edumazayo kumaCommonwealth Games abeseBirmingham, e-England, kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti.
Ahlulekile ukungena kowandulela owamanqamu ngemuva kokuhlulwa yiJamaica ne-England kweyamaqoqo agcina eqede endaweni yesithupha ngemuva kokuguqiswa yi-Uganda.
Njengamanje iqembu lisekhempini ePotchestroom, lilungiselela iSPAR Diamond Challenge ezoba sePitoli, kusukela ngoNovemba 22 kuze kube nguNovemba 26.
Iqembu lihlangane ngoMsombuluko odlule lapho abadlali bevivinywe khona ukuze kubonakale ukuthi imizimba yabo ikuliphi izinga ngaphambi kokuthi baqale basebenze enkundleni.
KwiDiamond Challenge iqembu lakuleli lizodudulana neScotland neZimbabwe. Kumenywe neqembu le-SA President's XII ngemuva kokuhoxa kweMalawi.
Ngemuva kwalo mqhudelwano, amaProteas azodlulela kwenye ikhempu ezoba seStellenbosch ukuyolungiselela iQuad Series ezodlalwa ngoJanuwari.