UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, wenze izinguquko eziyisishiyagalombili eqenjini elizobhekana ne-England emdlalweni wokugcina wokuhambela phesheya kwezilwandle ukusonga unyaka.
Umdlalo uzoba ngo-7:30 ebusuku ngoMgqibelo eTwickenham eLondon.
Kushintshwe abahlanu eqenjini eliqale ngesikhathi benqoba i-Italy ngoMgqibelo odlule, kufakwa uMakazole Mapimpi, Jesse Kriel, Evan Roos no-Eben Etzebeth ezikhaleni zikaCheslin Kolbe, Andre Esterhuizen, Jasper Wiese noSalmaan Moerat.
U-Damian de Allende uzohlehla kancane angene kwi-inside centre njengoba ezobambisana noKriel enkabeni yenkundla. UKurt-Lee Arendse uzoqala kwesokudla ngemuva kokudlala kwesokunxele bebhekene ne-Italy.
“Njengoba lo mdlalo ungaphandle kwewindi elisemthethweni lokudlala imidlalo yamazwe besazi ukuthi kumele senze izinguquko eqenjini. Sijabule ngokuthi ukunika abadlali abaningi amathuba ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwenza ukuthi singabasweli esizobafaka,” kuchaza uNienaber.
“Bonke abadlali abakuleli qembu sebeyidlalile imidlalo emikhulu basithola isikhathi sokudlala kuleli zinga. Yinhle indlela esikhethe ngayo abadlali kule sizini futhi kusisizile nokuba neqembu leSouth Africa A elidlale neMunster neBristol emasontweni adlule.
“Sibheke ngabomvu ukubona ukuthi leli qembu lizokwenzani uma selizwana amandla neqembu lase-England elisezingeni eliphezulu kakhulu. Sinengxubevange yabadlali abancane abanekhono nabanesipiliyoni asebehambe ibanga elide nathi kule minyaka embalwa edlule.”
U-Nienaber ulindele ukuthi i-England ifike ishisa ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 25-25 neNew Zealand ngempelasonto edlule. Ngaphambi kwalokho ibike yashaywa yi-Argentina kodwa yakwazi ukuhlula iJapan.
“I-England izongena kulo mdlalo inezinhloso ezifanayo nezethu. Bafuna nokuqeda isizini kahle ngemuva kokudlala imidlalo enzima ngoNovemba. Sonke sifuna ukwakha umgqigqo omuhle ngaphambi kweNdebe yoMhlaba yonyaka ozayo,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Silindele ukuthi baphonse konke abanakho kithina. Bayiqembu elihlangene kahle elinabadlali abanamandla phambili nabadlala umbhoxo othokozisayo emuva. Baqeqeshwe kahle ngakho-ke siyazi ukuthi kuzoba umdlalo oyingqophamlando.
“Basihlula ngephuzu elilodwa emidlalweni yethu emibili yokugcina eTwickenham kanti sagcina ngo-2014 ukubadla eLondon. Kufanele silungise wonke amaphutha ethu futhi sisebenzise amathuba ethu.”
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neEngland:
Abazoqala: 15 Willie le Roux, 14 Kurt-Lee Arendse, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Makazole Mapimpi, 10 Damian Willemse, 9 Francois de Klerk, 8 Evan Roos, 7 Franco Mostert, 6 Siyamthanda Kolisi (ukaputeni), 5 Marvin Orie, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Mbongeni Mbonambi, 1 Retshegofaditswe Nche.
Abasebhentshini: 16 Malcolm Marx, 17 Steven Kitshoff, 18 Thomas du Toit, 19 Marco van Staden, 20 Albertus Smith, 21 Jaden Hendrikse, 22 Manie Libbok, 23 Canan Moodie.