INJABULO ibiphindwe kaningi kwabadle isicoco emqhudelwaneni iDurban Open Women’s Beach Volleyball, ebiseNorth Beach, eThekwini, ngempelasonto. uPalesa Masinga noNatasha Webber.
Lo mqhudelwano onqotshwe uPalesa Masinga noNatasha Webber. Ubuhlelwe inhlangano eyengamele lo mdlalo kulesi sifundazwe, i-KZN Volleyball, ibambisene nabaxhasi iLUX. Ubuyingxenye yomkhankaso iChange The Angle, lapho abakwa-LUX okuyinkampani ekhiqiza ezokuzicwala igqugquzela ukuthi abesifazane abakwezemidlalo bavezwe ngendlela efanele uma kusakazwa imidlalo yabo.
UMasinga noWebber badle umhlanganiso beguqisa uKarina Kinsey noTatiana Simopoulos kowamanqamu abawunqobe ngo 2-1 ngeSonto.
Ngaphandle kokujatshuliswa yindebe kanye nesheke lika-R25 000, uMasinga uthe bazizwe bekhethekile ngokuba yingxenye yomqhudelwano ohlose ukuthuthukisa isimo sabesifazane kwezemidlalo.
“Inhloso yalo mqhudelwano inhle kakhulu, ikakhulukazi kithina kwi-volleyball. Sibe nezimo eziningi lapho abesifazane bengayi khona emiqhudelwaneni emikhulu ngenxa yokushoda kwemali. Ngenxa yalokhu bekugcina sekuthunyelwa ozakwethu besilisa kuphela emidlalweni yokuhlungela amaWorld Championships, amaCommonwealth Games neminye imiqhudelwano,” kusho uMasinga.
“Lolu hlelo lubuyisa ithemba ngomdlalo wethu futhi lusiqinisa idolo singabadlali be-volleyball besifazane. Siyethemba ukuthi lobu budlelwano neLUX buzoqhubeka isikhathi eside.”
UMasinga noWebber bayinqobe yomithathu imidlalo yabo yamaqoqo, owe-quarter-final nowandulela owamanqamu bengalahlekelwanga ngisho isethi eyodwa. UWebber ukholwa ukuthi bebewulungiselele kahle lo mqhudelwano.
“Size kulo mqhudelwano ngokuzethemba. Sesinesikhathi eside sidlala ndawonye. Siyazi ukuthi kunzima ukudlala eThekwini ngenxa yomoya kodwa besiseqoqweni elihle ngenxa yokuthhi besikleliswe endaweni yokuqala,” kusho uWebber.
“Siphume phambili eqoqweni lethu kodwa bekungelula neze. Udinga ukuhlonipha umdlalo ngaso sonke isikhathhi futhi uhloniphe nezimbangi zakho. Umdlalo ngamunye uletha izinselelo ezehlukene.
“Sizabalazile kancane kowamanqamu njengoba sihluliwe kwisethi yokuqala. Nokho sakwazi ukuhlangana sagcina sinqobile. Sijabule kakhulu futhi sibheke ukuqhubeka nokudlala ndawonye,” kuphetha uWebber.