LIBUYELWE ukuzithemba ibhokisa lesifazane laseMnambithi, uBathabile Ziqubu, linqoba ibhande ebelingaphethwe muntu leWBF Female Africa Junior Bantamweight, empini ebingempelasonto edlule, eGqeberha, e-Eastern Cape.
Kulo mqhudelwano, obuhlelwa yiZintsi Showtime Productions kaMbali Nzantsi, uBathabile ushaye ngamaphuzu uRivei Madondo waseZimbabwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoFebhuwari lo mshayisibhakela, oqeqeshwa nguMtuseni Dube noNkosinathi Thusi eSibongile Boxing Gym, eDundee, ushaywe nguThema Zuma kweyebhande likazwelonke kwiJunior Bantamweight.
Ngemuva kwempi uBathabile watshela leli phephandaba ukuthi ubona erojiwe. Waqhuba wathi akasazi ukuthi enzenjani njengoba nanyakenye elwa naye uThema amajaji amenzela phansi kubuka wonke umuntu.
Waze wathi usesola ukuthi unebhadi. Le ntokazi yaphinde yafunga yagomela ukuthi ngeke iphinde ilwe noThema.
Ekhuluma neSolezwe ngemuva kokunqoba, uveze ukuthi impi beyinzima. Usizwe ukuthi ahambe kahle amalungiselelo ayo.
"Ngemuva kokulwa noThema kunesikhathi lapho engike ngaphelelwa yithemba esibhakeleni. Ngithanda ukubonga ophromotha bami, umama uHlengiwe Dladla weHle-Jobe Promotions, ubaba uHlula Dladla weHlula Dladla Promotions, abaqeqeshi bami nozakwethu ejimini ngokungigqugquzela. Ngaphandle kwabo ngabe kangiyena umpetha webhande lomhlaba. Ngathi ngiyaphupha ukuthi ngiyingqwele yesicoco somhlaba. Ngethemba ukuthi namantombazane asakhula azogqugquzeleka ngale mpumelelo yami," kubeka uBathabile obuye abe uthisha eHlonipha Primary School, eWasbank, ngaphansi kwesifunda uMzinyathi.
Ubonge wanconcoza nakuthishanhloko walesi sikole ngokumnika isikhathi sokulungiselela le mpi.
Ngaphansi kweSibongile Boxing Gym sekunompetha abathathu. Ngaphandle kukaBathabile, kunoGcina Makhoba osanda kunqoba iWBF International Junior Bantamweight noSanele Mhlungu ophethe eleKZN Mini Flyweight.
UBathabile ofundisa IsiZulu, uthe usazohlala phansi nabaphathi bakhe babhunge ukuthi lesi sicoco uzosivikela nini, kubani.
Uthe isifiso sakhe ukugaxa amagilavu emgibeni eseke waliphatha elinye lamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke. Lezi zicoco yiWBC, WBA, IBF neWBO.
"Ibhokisa lesifazane elangigqugquzela kakhulu nguNoni Tenge wase-Eastern Cape. Nakuba ebesuka elokishini kodwa wakwazi ukuba umpetha we-IBF. Ngeke ngizithele ngabandayo, ngizosebenza kanzima kuze kulunge," kusho uBathabile.