UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Athletics, uSteve Mkasi, uqinisekise ukuthi iDr JL Dube Half Marathon seyizogijinywa minyaka yonke.
Izolo, eDube Trade Port, ngasesikhumulweni sezindiza, iKing Shaka, bekunesithangami sabezindaba okumenyezelwe kuso ukubuya kwalo mjaho.
Ngawo kuhlonishwa isigayigayi sezepolitiki, uDkt John Langalibalele Dube. Kulesi sithangami, obekukhona kuso nomndeni kaDube, izikhulu zoMnyango wezeMidlalo nezeKZNA, kuvele ukuthi lo mjaho ngeke usaba eNanda njengoba bekwenzeka phambilini kodwa sewuzogijinyelwa khona eDube Trade Port.
Okunye okusha, wukuthi ngeke usaba ibanga lika-42km kodwa usuzoba u-21km.
Kukhona nelika-10km. Lo mjaho uke waba khona phambilini kodwa waphinde wama.
"Sizokwenza isiqiniseko sokuthi iyaqhubeka imijaho yokubungaza amaqhawe akithi ezepolitiki. IDr JL Dube Half Marathon isizoqhubeka iminyaka yonke. Kanjalo sizoqinisekisa nokuqhubeka kweMandela Day Marathon neHarry Gwala Marathon," kubeka uMkasi.
Uveze nokuthi ubuhlathi babantu abakade behlela iDr JL Dube Marathon eminyakeni edlule, benze bathatha isinqumo sokuthi iKZNA izenzele yona lo mjaho.
Uthe babe sebenika i-ORCAS Running Academy igunya lokuwuhlela.
UZweli Dube, ongumzukulwana kaDube, ubonge wanconcoza emnyangweni nakwabanye abenze isiqinisekiso sokuthi uyabuya umjaho wokuhlonipha ukhokho wakhe.
"IDr JL Dube Marathon akuwona noma yimuphi umjaho. Nginxusa bonke abagijimi bakulona lonke elakuleli ukuthi baphume ngobuningi babo ukuzoba yingxenye yalo mjaho waleli qhawe," kubeka uZweli.
Ngaphandle kokuba umholi we-African National Congress, uDube wasungula isikole, i-Ohlange High School, esiseNanda. UZweli uveze ukuthi kumphatha kabi ukubona isikole esasungulwa ngukhokho wakhe sidilika.
"SiyiDr John L Dube Foundation sisemkhankasweni wokuqoqa imali esizolungisa ngayo izakhiwo zezemidlalo Ohlange High School. Akungiphathi kahle neze ukubona sesinjena lesi sikole esakhiqiza inqwaba yamaqhawe akithi. Isifiso sethu ukubuyisa isithunzi saso,“ kusho uZweli.