IQEMBU lakuleli lombhoxo weSevens, amaBlitzbokke, libize uSakoyisa Makata, Angelo Davids noJordan Hendrikse kwelizogijima kwiLondon Sevens ngemuva kokuphoxeka kwakamuva eToulouse ngempelasonto edlule.
Laba badlali abathathu bazovala izikhala zikaJC Pretorius, Tiaan Pretorius noDalvon Blood, abalimalile ngesikhathi leli qembu lishaya udaka eFrance.
UMakata ugcine ukudlala eSingapore ngasekuqaleni kuka-Ephreli, uDavids uzobe edlala okokuqala kwiWorld Sevens Series ka-2022 kanti uHendrikse uzobe eqala ngqa ukugqoka ijezi lamaBlitzbokke.
“Sidonsa kanzima uma kukhulunywa ngabadlala kwi-flyhalf njengoba kunabadlali abangekho njengoJustin Geduld, Selvyn Davids noLubabalo Dobela. Siyayibonga i-Emirates Lions ngokumdedela (uHendrikse),” kusho uPowell.
“USako usanda kululama ngemuva kokulimala ezimbanjeni kanti u-Angelo besivele silindele ukuthi abuyele kumaBlitzbokke ngaphambi kwamaCommonwealth Games neNdebe yoMhlaba yeSevens.”
AmaBlitzbokke ehlele endaweni yesibili kwi-log kulandela ukubhacaza kwawo eToulouse, lapho ehluleke khona ukuqeda kwiTop 10 okokuqala kusukela ngo-2013.
Ahlulwe kwemibili yamaqoqo, egingqwa yi-Ireland neSamoa, kwaphinde kwabheda kakhulu esedliwa yiScotland ngo-24-21 belwela indawo yesishiyagalolunye.
“Lona kube wumqhudelwano omubi kunayo yonke naleli qembu selokhu ngathatha izintambo, angingabazi. Kuncane kakhulu esingakuthokozela kulokhu esikwenzile,” kwengeza uPowell.
"Abadlali bebenza amaphutha futhi abadlalanga ngokubambisana njengeqembu. Siphoxekile kakhulu ngalokhu okwenzekile."
I-Argentina isiqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-118, ilandelwa amaBlitzbokke ngawu-116 kanti i-Australia ilele endaweni yesithathu ngawu-110. Bekuzozibhedela kakhulu ezikaPowell ukuba amaqembu ezisondelene nawo ahambe ibanga elide kulo mqhudelwano oseFrance.
“Uchungechunge olunzima lolu futhi amaqembu obekulindeleke ukuthi enze kahle ahlulekile. INew Zealand nayo ayiphumanga eqoqweni layo, kwathi i-Argentina ne-Australia bahlulwa kuma-quarterfinal,” kusho uPowell.
"Izinto zimapeketwane emaqenjini amaningi kodwa lokho kwenza umbango weWorld Series ube nesasasa kakhulu.
“Bonke abadlali nawo wonke amalungu ethimba labaqeqeshi kuzomele bazinuke amakhwapha baphinde bazibuze ukuthi kungani singenzi kahle njengoba besenzile ekuqaleni kwesizini."
AmaBlitzboks azobhekana ne-Argentina, Ireland neKenya kuPool B eLondon ngempelasonto.