KUNGENZEKA amehlo omhlaba abuyele kumgijimi wakuleli, uWayde van Niekerk, ebangeni lika-400m kumaWorld Athletics Championship aqala e-Eugene, e-Oregon, e-USA, ngesonto elizayo.
Kusukela ngo-2017 elimala, uVan Niekerk ukuthole kunzima ukubuyela ezingeni elamfaka emlandweni eshaya irekhodi elisha kuleli banga, eqopha u-43.03 kuma-Olympic, eRio de Janeiro, eBrazil, ngo-2016.
Uhlushwe wukulimala okumphuthisele ngeminye yemiqhudelwano emikhulu, wangakwazi nokuvikela isicoco sama-Olympic nesomhlaba ayesinqobe eLondon, e-England, ngaphambi kokulimala edolweni edlala i-touch rugby kuleli.
Ngempelasonto edlule, uVan Niekerk ugijime okokuqala umjaho ophelele kule sizini enqoba kwiStars and Stripes Classic 2022 e-Atlanta, e-United States, ngesikhathi esiwu-44.58.
Ubengayiqalanga kahle isizini njengoba ahoxa kwi-ASA National Championships ngo-Ephreli ngenxa yokulimala, waphinde wadonseka umsipha egijima eTrieste, e-Italy, ngoMeyi.
Isikhathi asiqophile (44.58) kube yirekhodi elisha leStars and Stripes Classic futhi isikhathi esihamba phambili ku-400m kulo nyaka.
"Inhloso bekuwukuthi ngigijime umjaho wonke ngokukhululeka, ikakhulukazi njengoba sengike ngalimala kaningi kulandelana," kusho uVan Niekerk etshela i-website iWorld-Track ngemuva komjaho.
"Ngizamile ukuthi ngehlise umoya isikhathi eside kodwa uma usubheke ngakulayini kuyazenzekela ukuthi ukhuphule ijubane futhi uqede ngamandla. Lokho kunginike umfutho wokulwela ukufika entanjeni ngokushesha futhi ngigculisekile impela ngemiphumela."
UVan Niekerk uyingxenye yeqembu elizomela iNingizimu Afrika kumaWorld Championship elimenyezelwe yi-Athletics South Africa (ASA) ngempelasonto. Leli qembu libophele abasubathi abangu-40, abangu-27 besilisa nabangu-13 besifazane.
Bayishumi abaneminyaka engaphansi kuka-23, uShaun Maswanganyi, Sinesipho Dambile, Lindokuhle Gora, Shirley Nekhubui, Precious Molepo noGontse Morake, Sokwakhana Zazini, Zeney van der Walt, Marione Fourie noPrudence Sekgodiso.
Ngo-2019 i-ASA yathumela iqembu labangu-31 kumaWorld Championships ayebanjelwe eDoha, eQatar, labuya lingaphethe neyodwa indondo.
Umengameli we-ASA, uJames Moloi, unethemba lokuthi lokhu kuzoshintsha kulo nyaka.
“Leli yithimba lethu lamaqhawe, azosimela e-USA. Sijabule ngabo bonke futhi kubafanele ukuthi babe yingxenye yeqembu lokugcina. Siyababongela ngoba basebenze ngokuzikhandla ukuze bakwazi ukungena kulo mqhudelwano omkhulu,” kusho uMoloi esitatimendeni se-ASA.
“Kuyathokozisa ukuthi leli qembu linenqwaba yabasubathi abaneminyaka engaphansi kuka-23 abasabheke ukunqoba esigabeni esikhulu .
"Ngisho noma singeke sikwazi ukuqagela ukuthi imiphumela izohamba kanjani kodwa iNingizimu Afrika izolwa nomhlaba wonke ukuze izithole ibalwa nabanqobe izindondo."
Isikwati sakuleli samaWorld Championships
Abesilisa: Akani Simbine, Gift Leotela, Clarence Munyani, Henricho Bruintjies, Emile Erasmus, Luxolo Adams, Shaun Maswanganyi, Sinesipho Dambile, Wayde van Niekerk, Zakithi Nene, Tshepo Tshite, Ryan Mpahele, Antonio Alkana, Sokwakhana Zazini, Adriaan Wildschutt, Precious Mashele, Melikhaya Frans, Tumelo Motlagale, Wayne Snyman, Werner Visser, Victor Hogan, Johan Grobler, Ruswahl Samaai, Jovan van Vuuren, Cheswill Johnson, Lindukuhle Gora, Derrick Mokaleng,
Abesifazane: Carina Horn, Miranda Coetzee, Prudence Sekgodiso, Dominique Scott, Marione Fourie, Zenéy van der Walt, Wenda Nel,Taylon Bieldt, Ischke Senekal, Jo-Ane van Dyk, Gontse Morake, Precious Molepo, Shirley Nekhubui