AMEHLO azothi njo kumakarateka aKwaZulu-Natal, ekutheni akhiphe unyawo ngo-Ephreli 1, emqhudelwaneni kaqinathambo iKyokushin Karate All Africa Tournament, eWynberg Military Base, eKapa.
Iqembu lesitayela seKyokushinkai Karateka laKwaZulu-Natal, lizomelwa ngamakarateka angu-63 emqhudelwaneni. Kuzodlana imilala amakarateka aphuma emazweni ase-Afrika, ngenhloso yokuzibekisela indawo kowe-13th World Full Contact Karate Championships, ozokuba ngo-Okthoba eTokyo, eJapan.
Umqhudelwano wezinga lezwekazi uyinkundla yokuhlunga ompetha abangu-12 kwi-Open (isigaba esivulelekile) abazomela i-Afrika, kwabesilisa eJapan, abayisishiyagalombili besifazane abangaphansi kweminyaka engu-16 no-17 esigabeni esaziwa ngama-Elites.
I-KwaZulu-Natal eyaziwa ngokudlisela ogageni ezinye izifundazwe emiqhudelwaneni kazwelonke neyezwekazi kaqinathambo wekarate, yayimelwe yizingqwayingqwayi eziyisikhombisa zamakarateka ngo-2019 eJapan.
Ukukhonya kweKZN emiqhudelwaneni yomkhambalazo kufakazelwe wukuwola kwayo izindondo emqhudelwaneni kazwelonke iSA National Kyokushin Knockdown Full Contact Tournament, ngoJulayi nyakenye e-Ugu Sport and Leisure Centre, ePort Shepstone.
UShihan Bongani Gumede, oyiphini likamengameli weKwaZulu-Natal Karate Federation, uthi balindele izinga elikhulu emqhudelwaneni wezwekazi ozokuba eCape Town.
“Silindele izinga eliphezulu kumakarateka aseNingizimu Afrika, emqhudelwannei wakulo nyaka we-All Africa. Thina njengeKwaZulu-Natal Karate Federation, sibheke kakhulu amakarateka akulesi sifundazwe, ngoba kuyisona sifundazwe lapha eNingizimu Afrika, esinezingwazi eziningi kulo mdlalo wekarate.
“Phakathi kwamakarateka alapha eKZN sibala uMndeni Magagula, uSamkelo Mkhize, u-Andile Manci, uZumani Lubunyana, uNkanyiso Shange noLindokuhle Nxumalo, okuyibona ababesimele ngo-2019, eJapan.
“Kanti bakhona nabanye abasebancane abeza kabi okubalwa uBukelani Shezi, okungenzeka baphendule amatafula eCape Town, bangene emshungwini wabazosimela eJapan,” kusho uGumede, osesigungwini sikazwelonke seKarate South Africa (KSA).
Kwabesifazane kubhekwe uSinazo Tshabalala, Gugulethu Mngomezulu, Yongama Booi, noNolubabalo Ndongana.
I-World Full Contact Karate Karate Championships ebanjelwa ekomkhulu le-karate, eJapan, okuqhuthana khona ompetha bomkhalambazo bamazwekazi ehlukene, obakhona njalo ngemuva kweminyaka emine, wasungulwa ngo-1975, nguMas Oyamaongasekho, owayeyingqalabutho yeKyokushinkai karate.
Ngenxa yokuswinywa kweNingizimu Afrika, ekubambeni iqhaza emiqhudelwaneni yomhlaba kwezemidlalo ngenxa yemithetho kahulumeni wobandlululo, amakarateka akuleli aqala ukubamba iqhaza kwiWorld Karate Championships okokuqala ngo-1987.
Yayibophele izibabuli zomkhalambazo okubalwa u-Alpheus Sabela, Isaac Mashinini, Kwazi Mchunu, Moses Ntuli, noJeffrey “Mkhosi” Cebekhulu ongasekho, osabatshazwa nanamuhla ngokugingqa abaseJapan, kulo mqhudelwano omkhulu womkhalambazo.