XOLILE MPISANE
LIHLULEKE ekugcineni iqembu lesizwe lombhoxo wamaSevens laseNingizimu Afrika, liguqa kwiNew Zealand ngo 38-0 kowamanqamu womlenze waseSydney, e-Allianz Stadim e-Australia, izolo.
AmaBlitzbokke abebheke ukuthatha isicoco sesibili ochungechungeni lwale sizini.
Asanqobe kuphela eyaseDubai ngoDisemba.
Emlenzeni waseSydney, iNingizimu Afrika neNew Zealand bahlangane kowamanqamu nje, bebeqale ukubhekana kweyeqoqo B onqotshwe ngelakuleli ngo 17-14, okwenze lathwalwa ngeqoma ngaphambi kowamanqamu.
Iqembu likaSandile Ngcobo, liphinde lakhuphula amathemba ngokushaya ingcwenga kowandulela owamanqamu liguqisa iFiji ngo 31-12.
Ama-All Blacks azibonakalisile nawo ukuthi azobuya nomfutho ohlukile enenebula iFrance ngo 36-5.
AmaBlitzbokke ahlulekile wukuvala emuva njengoba enzile ngesikhathi edlala neFiji.
INew Zealand ishaye ama-try amathathu esiwombeni sokuqala, kwayiwa ekhefini ihamba phambili ngo 17-0.
Kwenzeke okufanayo nakwesesibili njengoba iqembu lakuleli liqhubekile nokulahla ibhola ngesikhathi lizama ukuhlasela, izitha zalijezisa ngokushaya amanye ama-try.
Okunye okuphazamise ezikaNgcobo wukulimala kukakaputeni uSiviwe Soyizwapi benoRyan Oosthuizen ngosuku lokuqala noJaiden Baron beno-Impi Visser sekuyodlalwa owamanqamu.
"Basihlulile ngamandla emdlaweni wamanqamu. Besingekho ezingeni ebelilindelekile ukuze sikwazi ukuwunqoba lo mdlalo. sinqobe kowamanqamu," kusho uNgcobo.
"Asibenzanga ubulungiswa kowamanqamu kodwa kumele ngilincome iqembu eliluqale kahle usuku ngokukhulu ukuzimisela libhekene neFiji.
“Besinabadlali ababuya ekulimaleni futhi ukubabona benza kahle kube yibhonasi kithina, kanjalo nendawo esikuyona kwi-log. Sisakhula siyiqembu futhi sizobe sibheke ukwenza okungcono kakhulu emqhudelwaneni olandelayo eLos Angeles ngenyanga ezayo.”
I-New Zealand iqhwakele kwi-log yeSevens World Series ka-2022-23 ngamaphuzu angu-85, ilandelwa yiNingizimu Afrika ngamaphuzu angu-76.
I-Samoa neFrance babambene ngangu-68 iqembu ngalinye, kanti iFiji ilele endaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-67.
Umqhudelwano olandelayo uzodlalelwa eLos Angeles, e-United States, kusukela ngoFebhuwari 25 kuya ku-26.